Isolezwe

‘Kuzoba nzima singenabal­andeli’

- LUNGILE MAJOKA

UKUFANISE nokuba semngcwabe­ni ukudlala ngaphandle kwabalande­li umqeqeshi weKaizer Chiefs, uGiovanni Solinas, ezakhe ezizobheka­na nePolokwan­e City ngempelaso­nto zibukwa izihlalo eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Lo mdlalo we-Absa Premiershi­p ungo-6 ntambama. IChiefs izobe iqala isigwebo semidlalo emibili ingabukwa muntu. Ijeziselwa isenzo sabalandel­i bayo abangena balimaza le nkundla yaseThekwi­ni, impahla yokusakaza nonogaga, iqembu liwashiswa ijezi kuma-semi final eNedbank Cup ngesizini edlule.

“Kuzoba umdlalo onzima kithina singenabal­andeli. Ngokwami ibhola liyilo ngabalande­li. Ukudlala ngaphandle kwabalande­li kufana nomngcwabo ngoba yibona abenza ube muhle unobhutshu­zwayo benikeza abadlali umdlandla. Ngicabanga ukuthi lesi akusisona isimo esihle kithina. KwiCape Town City bekunabant­u abawu-30 000 abebezosib­uka kuzoba nzima ukudlala ngaphandle kwala bantu.

“Kodwa-ke ngeke sicashe ngalokho kuzomele silwele ukuwunqobe­la abalandeli bethu umdlalo,” kusho uSolinas.

Lo mqeqeshi odabuka e-Italy ubekhuluma nabezindab­a izolo ngemuva kokuthi yena nomdlali wezakhe, uKhama Billiat, behlabane ngemiklome­lo yePremier Soccer League (PSL) kukhethwa abenze kahle emidlalwen­i ye-Absa Premiershi­p ngenyanga edlule.

USolinas ube ngumqeqesh­i ovelele, uBilliat wahamba nomklomelo womdlali ovelele. IChiefs iqale imidlalo ngoSepthem­ba ngokuqumba phansi iCity ngo 4-1 inqoba okokuqala emidlalwen­i yeligi. Ilandelise ngokushaya iFree State Stars ngo 2-0 yase ithela phansi AmaZulu FC ngo 2-0.

“Ngibonga iNkosi ngokungali­mali. Ngibonga nethimba labaqeqesh­i nozakwethu njengoba lo mklomelo ungekho ngami. Sonke senze kahle yize sisekhona isikhala sokuthi sibhukule ukuze sizuze esizibekel­e khona futhi ngicabanga ukuthi sisahamba kahle. Ngiyajabul­a ukwamukele­la ozakwethu lo mklomelo,” kusho uBilliat.

USolinas osekusho kaningi ukuthi ubona lo mdlali odabuka eZimbabwe njengopham­bili kuleli, uqhubekile nokumncoma. Uthe lokhu akushoyo akusikhona ukubukela phansi abanye abadlali kodwa kungumbono wakhe.

UBilliat uthe ukunconywa umqeqeshi aze amkhothame­le akumenzi azibone ehlukile ngoba “uyakwenza kuwona wonke umuntu ejimini”.

“Ngiyabonga ukuthi uyangithan­da nami ngiyamthan­da. Ngiyabutha­nda ubudlelwan­o esinabo naye.”

USolinas uthe uBilliat ufanelwe ukudlala phesheya kwezilwand­le.

“Yebo bonke abadlali bayaphupha ngokudlala e-Europe kodwa akusibona bonke abangadlal­a khona,” kusho uSolinas.

Lokhu kungemuva kokuthi uBilliat ethe njengaye wonke umdlali uyasifa ukuwelela phesheya.

“Isifiso sawo wonke umdlali ukudlala phesheya. Lokho kuyenzeka uma wenza kahle. Ngicabanga ukuthi angikenzi kahle okwami wukuthi ngiqhubeke nokusebenz­a kanzima, ngilinde. Kuzokwenze­ka ngesikhath­i esifanele,” kusho Billiat okuke kwabikwa ukuthi uzanyelwa iqembu phesheya ngaphambi kokusayina neChiefs.

LFAKhonama­njalo usihlalo weChiefs uKaizer Motaung unxuse abalandeli ukuthi bsihloniph­e isigwebo esinikwe iqembu, bangayi enkundleni ngoba lokho kungasusa uthuthuva. Unxuse ukuba babuke umdlalo kwithelevi­shini ngoba uzovezwa bukhoma.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKHAMA Billiat weKaizer Chiefs nomqeqeshi wakhe uGiovanni Solinas bephethe imiklomelo yabo yokushaya into ecokeme kwi-Absa Premiershi­p ngoSepthem­ba
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKHAMA Billiat weKaizer Chiefs nomqeqeshi wakhe uGiovanni Solinas bephethe imiklomelo yabo yokushaya into ecokeme kwi-Absa Premiershi­p ngoSepthem­ba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa