Kusabhimba esibalweni sezimoto ezidayisiwe
ZIPHINDE zehla izibalo zokudayiswa kwezimoto ezintsha eNingizimu Afrika ngenyanga edlule ngokwezibalo ezikhishwe yiNational Association of Automobile Manufacturers of South Africa (Naamsa).
Izibalo zikhomba ukuthi ukuthengwa kwezimoto kwehle ngo-974 noma u-1.9% njengoba zibe ngu-49 670 kanti ngoSepthemba ngonyaka odlule zazingu-50 644.
Ngakolunye uhlangothi izibalo zezimoto ezithunyelwa ngaphandle zibe phezulu emlandweni njengoba zinyukile zaba ngu-36 781. Lokhu kukhombisa ukunyuka ngezimoto ezingu-440 noma u-1.2% uma kuqhathaniswa nezingu-36 341 ezahamba ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
Kuzona zonke izimoto ezingu-49 670 ezidayisiwe, ezingu-39 011 noma u-78.6% zidayiswe emagaraji, ezilinganiselwa ku-16.5% zithengwe yizinkampani eziqashisa ngezimoto, u-2.7% waba ngowezinkampani kwathi u-2.2% wathengwa nguhulumeni.
Ukuthengwa kwezimoto ezincane kwehle ngo-892 noma u-2.6% njengoba zibe ngu-32 786. NgoSepthemba wonyaka odlule zazingu-33 678.
Kumaloli amancane, amaveni namatekisi kwehle ngo-168 noma u-1.2%. Isibalo sibe ngu-14 342 kanti ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule sasingu-15 510.
INaamsa ithe isimo somnotho sizokwenza ukuthi sehle isibalo sokudayiswa kwezimoto kulo nyaka uma kuqhathaniswa nonyaka odlule.
Inhloko yezokudayisa nokumaketha kwaWesBank, uGhana Msibi, ithe ukunyuka kancane kwesibalo sezimoto ezithengwa emagaraji kubanikeza ithemba.
“Njengoba singena kwikota yokugcina ka-2018, sinethemba lokuthi ukuqagela kwethu ngokunyuka kwezibalo ngo0.75% kungafezeka yize kuzoba nezingqinamba,” kusho uMsibi. Izimoto ezidayise kakhulu: Toyota Hilux - 3 943 VW Polo - 3 866 Ford Ranger - 3 016 Polo Vivo - 1 976 Nissan NP200 - 1 888
Toyota Corolla/Auris/Quest - 1 680 Toyota Fortuner - 1 345 Toyota Quantum - 1 287 Isuzu KB - 1 193 Toyota Yaris - 1 111