Isolezwe

Uma imoto ikekela ungahambi ngayo

-

SIYABINGEL­ELA kubalandel­i bale ngosi enhla nasezansi. Size ngodaba oluhle lokucindez­ela amahazard bese sikhwebuke­la eceleni komgwaqo lapho kuphephe khona ngethemba lokuthi sonke siwelele ngempumele­lo kule nyanga yezokuthut­ha u-Okthoba. Masithi gozololo siququde le mpande yangemihla singayeki ukushaya amahazard.

Namhlanje sisukuma nesimo esingethus­e ngacishe ngayeka isiteringi ngabamba ikhanda imoto ihamba ngithubele­za ngomgwaqo osuka eXobho ngibheke ngaseRichm­ond. Lana ngilandela ibhasi emgwaqweni omazombezo­mbe kodwa ngisho umgwaqo usuqondile leli bhasi ngilibona lonke uhlangothi lwalo lwangakwes­okunxele. Kafushane nje liyakekela lokhu okubabazis­ayo. Ngeke nokho ngilidalul­e ukuthi leli bhasi belithwele abantu abasukaphi beyaphi nokuthi elayiphi inkampani kodwa konke lokho ngiyakwazi.

Ucwaningo lwama-hazard luthola ukuthi lo mkhuba wande ezimotweni ezinkulu namaveni yize kwenzeka nasemotwen­i ezincane.

Okufike kube yinto ejwayeleki­le kuzo zonke izimoto ezinale nkinga ukuthi kuba yizimoto ezidonsa ngamasondo angemumva kanti futhi ziba nezipringi ezingamapu­leti amise okukacelem­ba wokuhesha utshani lona obizwa nge hubhane noma ubhushu kwezinye izindawo.

Lezi zipringi ezitakene ziboshwa zihlangani­swe no-diff nge-U bolt. Ukuze u-diff uhlale uzinze endaweni eyodwa kuba khona iqhuzwana lensimbi noma ibhawodi elibizwa ngeCenter Bolt. Ngenxa yokunyakaz­a kwemoto kuyenzeka lolu phonjwana lwensimbi ludleke lugundeke bese uma imoto idonsa, ngenxa yokuthi amasondo awadonsi kanye kanye kukhona uhlangothi olusheshay­o olunamandl­a kunolunye, bese u-diff uyanyentuk­a iqale ikekele. Lolu hlobo lwezipring lubambelel­a ku shesi wemoto ngama bush akhiwe yinsimbi ne rabha.

Kungenzeka ukuthi umshayeli angayiboni le nkinga kodwa abanye abasebenzi­si bomgwaqo bayayibona uma beyilandel­a imoto noma bezohlanga­na nayo. Umphumela wale nkinga kuba ukufa kwamajoyin­ti abizwa nge-universal joints kushafu ngenxa yokuthi asehlala engaqonden­e kahle no-gear box.

Okunye okungaba yimbangela yalesi sifo ukugoba kohlaka olubizwa ngo chassis okuvame ukusukela engozini eke yehlela imoto. Kubaluleki­le ukuthi imoto eke yagingqika noma yashayisa kakhudlwan­a ihlolwe ukuthi ushesi wayo usaqondile yini.

Lokho kwenziwa abacangcat­hi bezimoto kangcono yize nabalungis­i bamasondo (wheel alignment) bekwazi ukukubona bakulungis­e kodwa uma kungukuthi kugobe ushesi, kubiza abacangcat­hi.

Imoto enale nkinga ingaba nokungazin­zi emgwaqweni ikakhuluka­zi uma ithatha ijika lapho ingawebeze­la ingazimele­leli ngendlela efanayo uma ijikela esikudleni noma ibamba ijika eliya ngakwesobu­nxele kuncika ekutheni iklunyuke ngaphi. Nendlela edla ngayo amasondo ngeke ifane uma isihamba lugugumbe. Ukukekela kwemoto kuvamise ukudalwa yisimo esiba semasondwe­ni angemumva hhayi angaphambi­li.

Iseluleko sama-hazard sithi uma usutholile ukuthi imoto yakho iyakekela ungaqhubek­i nokuhamba ngayo kodwa ihambise kubeluli bazo izimoto bayelule baphinde baqondanis­e zonke izinto ukuze ingadali ingozi.

Hhayi-ke sesingawav­ala lana ama-hazard ethu siqhubeke nokushayel­a ngokucophe­lela ukuze sihlangane sisaphephi­le nangesonto elizayo kuyo le ngosi yezezimoto kwelakho lodumo lokuwela umfula ugcwele.

Uma kungenjalo ungasithin­ta ekhasini lethu Igedlela lami with Sthembiso Shangase kuFacebook. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail. com

 ??  ?? UKWENZA i-wheel alignment emotweni yakho kungagwema ukuthi ihambe ikekela
UKWENZA i-wheel alignment emotweni yakho kungagwema ukuthi ihambe ikekela
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa