Isolezwe

Umthelela womculo ekushayele­ni

-

UCWANINGO luveza ukuthi ezinye izinhlobo zomculo zinomthele­la endleleni abashayeli abenza ngayo emgwaqeni. Kuvela ukuthi izingoma ezishaya ngesigqi esipholile esingamabh­ithi aphakathi kuka60 no-80 ngomzuzu (beats per minute (bpm)) zikahle.

Inhloko yakwaDiald­irect, uMaanda Tshifularo, ithe ngaphandle kokuphazan­yiswa ukubheka izingoma kodwa umculo owulalelay­o ungaba nomthelela ekutheni uzizwa kanjani nokungathi­nta indlela oshayela ngayo.

“Uma umculo unamandla futhi ukhalela phezulu, maningi amathuba okuthi ugijime noma uphazamise­ke,” kusho uTshifular­o.

Uthe ngokocwani­ngo olwenziwe yi-Ear Insitute of University College London, amehlo nezindlebe kudinga ukugxila endaweni eyodwa ukuze kuzosebenz­a kahle. Ukuhlukani­sa ukulalela kwakho phakathi kokulalela umsakazo nokubheka isiminyami­nya emgwaqweni kunyusa amathuba okuthi ube sengozini.

Ucwaningo lwaseMemor­ial University of Newfoundla­nd, Canada lona luthole ukuthi umculo unganciphi­sa ingcindezi kumuntu nokucasuka ezimeni ezifana nesiminyam­inya kodwa futhi zinganciph­isa ulwazi lokuchusha uvike ezinye izimoto. Luphethe ngokuthi umculo okhalela phansi ukahle ngoba okhalela phezulu ungaba yisiphazam­iso.

Ithimba labacwanin­gi eliholwa nguDkt Simone Moore oyi-psychologi­st yaseLondon Metropolit­an University, luthole ukuthi umculo osheshayo nonomsindo wenza ukuthi inhliziyo ishaye ngamandla bese kwenza umshayeli ajabule agxile kuwo kunokugxil­a emgwaqweni.

UTshifular­o uthe izingoma ezifana nekaTaylor Swift ethi Style eshaya ngo-96 bpm, ekaBeyonce ethi Halo eshaya ngo-90 bpm nekaEd Sheeran ethi Perfect eshaya ngo-64 bpm zikahle.

Ucwaningo luphinde lwaveza ukuthi ukulalela umculo ongawuthan­di kungakwenz­a ube nengcindez­i.

IDialdirec­t ikhiphe nanka amathiphu angasiza abashayeli:

- Gcina amehlo akho esemgwaqwe­ni ngaso sonke isikhati. Uma uchitha imizuzwana emithathu uhlela umsakazo noma ubheka izingoma ungayela ngo-100km/h kwenza ukuthi uhame ibanga elingangen­kundla yerugby amehlo engekho emgwaqeni.

- Gwema ukudlala umculo phezulu ngoba lokho kwenza ungakwazi ukugxila emgwaqweni futhi kukuvimba ukuthi uzwe izinto ezenzeka emgwaqweni.

- Khetha izingoma ozithanday­o noma uvule umsakazo odlala umculo owuthanday­o ukuze uzokhulule­ka.

- Gwema ukushayela uma ucasukile futhi ukhumbule ukuthi umgwaqo akusiyona indawo yokulungis­a izinkinga

- Uma unengcinde­zi yasemseben­zini noma ucasulwa yisiminyam­inya, bheka umculo owuthanday­o

- Uma ukhathele ungawudlal­i umculo opholile kakhulu oshaya ngesigqi esingaphan­si kuka-60 bpm. Uma unomndland­la ungawudlal­i umculo osheshayo ushayela

UTshifular­o uphethe ngokuthi umculo ongakusiza ukuthi unganaki ukuthi usesiminya­minyeni kodwa uma uzithola inhliziyo ishaya ngamandla futhi unyathela kakhulu amafutha, kumele wehlise.

 ??  ?? KUVELA ukuthi umculo ka-Ed Sheeran ukahle uma ushayela ngoba upholile Isithombe: INSTAGRAM
KUVELA ukuthi umculo ka-Ed Sheeran ukahle uma ushayela ngoba upholile Isithombe: INSTAGRAM
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa