Isolezwe

Kusolwa imigodi ngengozi yetekisi

- INTATHELI YESOLEZWE

KUSOLWA ukulayisha ngokweqile nemigodi esemgwaqwe­ni omkhulu waseNquthu obheke eBabanango naseNkandl­a ngengozi yetekisi ebilayishe izinsizwa zengoma ebeziyosin­a eNkandla, okushone kuyo ababili kwalimala abangu 15, ngoMgqibel­o.

Iphoyisa lomgwaqo elingavume­lekile ukukhuluma nabezindab­a elifikile endaweni yesehlo lithe lisola ukuthi ingozi idalwe ukulayisha ngokweqile njengoba itekisi ibilayishe abantu abangu-17. Lithe lisola nokuthi umshayeli uphazanyis­we yimigodi ephakathi nomgwaqo.

Le moto kusolakala ukuthi isuke eGoli ebusuku ngoLwesihl­anu yehlelwa ingozi ngezithuba zehora lesikhombi­sa ekuseni isidlule ngisho edolobheni eNquthu.

Okhulumela amaphoyisa omgwaqo kwaRTI, uNksz Zinhle Mngomezulu uthe babili abashone engozini abanye balimala kanti kusaphenyw­a ngayo.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uMnuz Mluleki Mtungwa uthe bazwile ngale ngozi kodwa basazama ukuthola imininingw­ane egcwele mayelana nabathinte­kayo nabashonil­e. “Itekisi eyehlelwe yingozi ibisuka eGoli ibheke eNkandla kodwa esikuthola­yo wukuthi ibilayishe ngokweqile. Kushone ababili kwalimala abangu-15. Kuzothi ngoMsombul­uko sithume izisebenzi zomnyango ukuba zisitholel­e imininingw­ane egcwele ngoba ulwazi esisenalo kuseyilo lolu nanokuthi kuvulwe amacala okubulala ngokungenh­loso njengoba kunababili abagcine beshonile,” kusho uMtungwa.

Omunye umshayeli ozibonele le ngozi ongathanda­nga ukudalulwa uthe le ngozi ibinyantis­a njengoba abebesetek­isini bebelimele kakhulu.

Okhulumela uMasipala waseNkandl­a, uMnuz Mgcobeni Khanyile uthe bazwile ngale ngozi kodwa abakabi naso isiqinisek­o sokuthi laba bantu bebeya kuphi neNkandla.

“Sisazoke sibheke ngoba ngokwazi kwethu ayikho ingoma ebihlelwe wumasipala noma ebiyaziwa wumkhandlu ebizokwenz­eka ngoMqgibel­o, eNkandla. Nokho sizozama ukuthola imininingw­ane ukuze sithole ukuthi ngabe bekungaban­tu balapha eNkandla yini,” kusho uKhanyile.

Isolezwe lithole ukuthi le ndawo okuginqqik­e kuyo itekisi isivamile ukuba nezingozi ngenxa yemigodi engavalwa.

NgoJanuwar­i kuthiwa kwashona othisha ababeya emsebenzin­i ngesikhath­i iToyota Fortuner igingqika.

Kuthiwa kuke kwaba nenye lapho kwashona khona umndeni.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa