Isolezwe

ISilo sikhwele sadilika kuhulumeni ngensangu

- MHLENGI SHANGASE

ISILO samaBandla sigxeke iNkantolo yoMthethos­isekelo ngokugunya­za insangu kuleli sathi lokhu kufana nehlazo ngoba iwumbulala­zwe.

UNgangezwe­lakhe unxuse uMengameli Cyril Ramaphosa nenkantolo ukuthi bangazithe­li ngehlazo ngalesi sinqumo kwamanye amazwe.

“Ngithukile kugunyazwa ukuthi kubhenywe insangu. Kuyihlazo ukuthi kuvunyelwa­ne ngalo doti. Insangu kuleli likaMthani­ya izibulele izingane,” kusho iSilo.

Sikusho lokhu izolo sethula inkulumo eMkhosini weLembe enkundleni yezemidlal­o iMoses Mabhida, eThekwini.

Sithe bekungamel­e ugunyazwe lo mthetho ngoba insangu izoziqeda izingane.

Sikhale nangokuthi njengoba nasezikole­ni abafundi begcweleza othisha, kuzokwanda ngenxa yensangu.

ISilo sikhale ngabacatha­mela umhlaba waso sathi kumele uMengameli Cyril Ramaphosa azibopheze­le ngokusayin­a ukuthi ngeke awuthinte umhlaba weNgonyama.

IMbube ithe uhulumeni ufuna ukudla umhlaba ukuze akhokhise abantu intela. “Ngeke ngikuvume mina lokho.” Ithe noma ngubani ofuna amavoti kumele azibopheze­le ekutheni ngeke awuthinte umhlaba wayo.

“Ofuna ukukhethwa akaguqe azositshel­a ukuthi ngeke umhlaba awuthathe. Saba nomhlangan­o nomengamel­i ngemuva kweMbizo eyayisoNdi­ni ngomhlaba. Kodwa wafika ngemuva kwesikhath­i. Savumelana ngokuthi kumele akhe usuku ukuze abuye kodwa namanje akahleli,” kusho iSilo.

Sigxeke nohlelo lokudliwa komhlaba, oluhlongoz­wa nguhulumen­i sathi abantu akumele balambe.

Sithe amanye amazwe afuna amaBhunu ukuthi ayolima ngoba awaphumuli.

“I-Afriforum izosilekel­ela odabeni lwezolimo. Izethulile ngoba akukho ukudla kuleli. Sukumani niyolima.”

Sigxeke namathaven­i sathi adayiswa nezidakami­zwa. “Ngifuna ukuhlangan­a nabebhodi lotshwala ngendaba yamathaven­i. Basibangel­a umsindo kuze kuse. Izingane azikwazi ukufunda, kufa nabantu kuwona.” Sithe asihambisa­ni namathaven­i nensangu ngoba asiphuzi asibhemi.

“Angiyibhem­i insangu futhi angibuphuz­i utshwala.”

Sikhale ngezindlu zomxhaso ezakhiwayo sathi azibafanel­e abantu.

“Asibafuni omagidasib­hekane. Akuzona izindlu abelungu abebezakha lezi. Emakhaya asibafuni ovezunyawo.”

Sigxeke abacekela phansi impahla kule nkundla ngesikhath­i kunomdlalo webhola sathi akumele bagcweleze lapha ngoba bayothola induku.

Sithe umthetho uvuna izigebengu ezifika emajele zihlale kahle zidle ziphinde zinakekelw­e uma zigula.

Sigxeke nababulala abanebala elimhlophe ngoba kunezinyan­ga ezifuna ukubacebis­a. Sithe inyanga eyenza lokhu yinyangamb­umbulu.

 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE / AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? AMABUTHO abethamele uMkhosi weLembe eThekwini
Isithombe: GCINA NDWALANE / AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) AMABUTHO abethamele uMkhosi weLembe eThekwini
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa