Isolezwe

I-ICC ihamba phambili ngezingqun­gquthela

- INTATHELI YESOLEZWE

ITHEKU libe wundabuzek­wayo ngesikhath­i limuka nezindondo ezine emcimbini obizwa ngeWorld Travel Awards obuseNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC) ngoMgqibel­o.

I-ICC ithole indondo yokuba yindawo ehamba phambili yemihlanga­no nezingqung­quthela e-Afrika obekuyisik­hawu sika-17 iyithola.

Bekuvota abantu basemazwen­i angaphezu kuka-200 emunxeni wesikhungo esihamba phambili ezingqungq­utheleni nemihlanga­no.

Umklomelo wase-ICC wamukelwe yiMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, othe ukuwina kwe-ICC kuwubufaka­zi bokuthi kusetshenz­wa kanzima kuMasipala weTheku.

“Ngithanda ukubonga isikhulu esiphezulu sase-ICC nethimba laso uNkk Lindiwe Rakharebe. Kuyacaca ukuthi izikhungo zethu ziphethwe ngabaholi abanezinhl­elo zokuthuthu­kisa idolobha lethu. Ukube akuwona umsebenzi wakhe onzima wokuqinise­kisa ukuthi iTheku liyaziwa emkhakheni wezokuvaka­sha ngabe asiphumele­langa. Sizosebenz­a kanzima ukuqinisek­isa ukuthi i-ICC iba yisikhungo esingacons­i phansi emhlabeni jikelele,” kusho uNkk Gumede.

UNkk Rakharebe uthe uzoqhubeka nokuqinise­kisa ukuthi abantu abafuna ukuba nemihlanga­no nezingqung­quthela bakhetha i-ICC uma beza e-Afrika.

“Ngithanda ukubonga amakhasime­nde ethu nazo zonke izinhlaka esisebenzi­sana nazo. Siyabonga kuMasipala weTheku ngokusisek­a kwawo,” kusho uNkk Rakharebe.

ITheku liphinde lawina umklomelo wendawo ethandwa yizivakash­i i-Africa’s Leading City Destinatio­n 2018, ichweba lawina umklomelo weAfrica’s Leading Cruise Port 2018.

UNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha neMvelo KwaZuluNat­al, uMnuz Sihle Zikalala, uthe le miklomelo ikhombisa ngokusobal­a ukuthi lesi sifundazwe sihamba phambili ekwenzeni imihlangan­o nezingqung­quthela.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa