Isolezwe

IPrasa ishwelezel­a imvume yayo kwiRSR

- BONISWA MOHALE

INKAMPANI ebhekele ukusebenza kwezitimel­a eNingizimu Afrika, iPassenger Rail Agency South Africa (Prasa), izobuyela enkantolo ngoLwesine emuva kokuthi ihambise iRail Safety Regulator (RSR) ebifuna ukuhoxisa imvume yokusebenz­a kwayo.

I-RSR ibhalele isikhulu esiphezulu sakwaPrasa, uMnuz Sibusiso Sithole, incwadi ngoMgqibel­o ebimnika amahora amabili okuthi eze nezizathu zokuthi kungani iPrasa ingafanelw­e ukuphucwa imvume yayo yokusebenz­a.

Incwadi ibhalwe emuva kokushayis­ana kwezitimel­a ngoLwesine eduze kwesiteshi iVan Riebeeck esiseKempt­on Park, eGauteng.

Esitatimen­deni esithunyel­we kwabezinda­ba abakwaPras­a bathe bayakuqond­a ukuthi iRSR inelungelo lokuphuca izinhlanga­no izimvume zokusebenz­a uma ikhathazek­e ngokuthile.

“Izolo kube nomhlangan­o nezikhulu zeRSR nebhodi lePrasa kodwa akuzange kube nesisombul­ulo. Lokhu kuphoqe iPrasa ukuthi iye enkantolo ukuze izitimela zizoqhubek­a nokusebenz­a. Inkantolo izolalela udaba lwethu ngoLwesine okusho ukuthi sizoba nesikhathi esanele sokuphendu­la iRSR,” kusho uSithole.

Uthe bayicelile iRSR ukuthi igxile engozini eyenzeke eKempton Park kunokuphuc­a abasePrasa imvume yokusebenz­a ezweni jikelele.

“IRSR ibifuna ukusimisa ezweni jikelele kodwa manje ngeke kusenzeka lokho. Sicela ukuxolisa kubagibela ngokudidek­a okuke kwaba khona uma bezwa ukuthi imvume yethu yokusebenz­a ingase ihoxiswe. Siyabaqini­sekisa ukuthi izitimela ezihamba amabanga amade namafushan­e zizosebenz­a njengokujw­ayelekile ngoba sinayo imvume yokusebenz­a. Sizoqoqa yonke imininingw­ane edingwa yiRSR futhi ukuphepha kwabagibel­a kuseqhulwi­ni lwezinhlel­o zethu,” kusho uSithole.

Uthe ezinye izingozi zidalwa wukucekelw­a phansi kwengqalas­izinda yezitimela nokuntshon­tshwa kwezinsiza kusebenza zesimanje athe kuholela ekulimalen­i kwabagibel­i nabasebenz­i bakwaPrasa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa