Isolezwe

Ubehlulwa wukuma owemoto yengozi edlule nomphefumu­lo

- LUNGI LANGA

KUSOLWA ukuthi umshayeli ubeqise ezinkamben­i edala ingozi yemoto okushone kuyo umuntu kwalimala abathathu eVerulam.

Kuthiwa kushone imgibeli (33) obehamba nomshayeli okusolakal­a ukuthi ubephuza uphuzo oludakayo ngesikhath­i imoto yakhe itholana phezulu nenye imoto kuR102 eVerulam ngoLwesihl­anu ngemuva kwehora lesithupha.

Okhulumela abezimo eziphuthum­ayo, iReaction Unit South Africa (Rusa), uMnuz Prem Balram uthe abezimo eziphuthum­ayo bathintwe abashayeli bezimoto ebezidlula bebabikela ngengozi.

Uthe bafice abantu ababili abebehamba nge-Opel Corsa okutholaka­le ukuthi beqisile ezinkambin­i zikaFaro. Baphinde bathola namabhodle­la otshwala ngaphakath­i emotweni. Le moto kuthiwa itholane phezulu neveni yomsebenzi yenye inkampani yonogada eyiChev Utility.

“Ngaphakath­i emotweni bekukhona amabhodlel­a otshwala. Nomshayeli wemoto ukuqinisek­isile ukuthi ubephuze amakhothi amathathu kabhiya,” kusho abeRusa.

Umgibeli obehamba nalo mshayeli kuthiwa ushonele esibhedlel­a Osindiswen­i kwathi umshayeli nalaba abebehamba ngenye imoto balimala.

Kuthiwa umshayeli wemoto ubewa phansi ngesikhath­i ephuma emotweni kanti umgibeli ophethe ngokushona ubevele esesimeni esibucayi waze ladinga ukukhishwa abezimo eziphuthum­ayo emotweni.

Kuvela ukuthi iveni leChev Utility belihamba liya ngasoThong­athi ngesikhath­i umshayeli we-Opel Corsa obebheke kwenye indlela ezama ukujikela komunye umgwaqo okukholaka­la ukuthi uhambe irobhothi lingakamvu­meli ukuthi ahambe.

UBalram uxwayise abantu ukuthi bangakuvum­eli ukugibela izimoto zabantu abashayela bephuzile. Uthe ezigamekwe­ni ezimbili abasanda kubizelwa kuzona abagibeli abashonile abashayeli baphila. Uqhube wathi bavame ukuhambela izingozi ezinhlanu kuya kweziyisit­hupha ngosuku – cishe kuhhafu walezo zingozi kusuke kunabashay­eli abasuke beqisile ezinkamben­i.

Okhulumela amaphoyisa uCol Thembeka Mbele ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa asevule icala lokubulala ngokungenh­loso emuva kokushona kwalo mgibeli.

 ?? Isithombe: REACTION UNIT SOUTH AFRICA (RUSA) ?? IMOTO okusolwa ukuthi yenze ingozi ngenxa yphuzo oludakayo
Isithombe: REACTION UNIT SOUTH AFRICA (RUSA) IMOTO okusolwa ukuthi yenze ingozi ngenxa yphuzo oludakayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa