Isolezwe

Izingqinam­ba ekuvikelen­i intsha kwiHIV

- LUNGI LANGA

ABACWANING­I baveze ukuthi ziseningi izingqinam­ba ekuvikelen­i intsha ukuthi ingenwe yigciwane lengculazi yize seziningi izindlela zokugwema ukuthi iyithole.

UDkt Leila Mansoor, wenhlangan­o yocwaningo lwegciwane lengculazi iCentre for the AIDS Programme of Research in South Africa, utshele abafundi basesikhun­gweni semfundo ephakeme i-University of KwaZulu-Natal (UKZN) ukuthi seziningi izindlela ezikhona abangazise­benzisa ukugwema ukungenwa yigciwane lengculazi kodwa kunezingqi­namba ezenza kube nzima ukuthi abantu bazisebenz­ise.

Ubekhuluma ngesikhath­i kunengqung­quthela yosuku olulodwa kuxoxiswan­a nabafundi ngokubalul­eka kokuhlela umndeni, igciwane lengculazi nezinye izifo ezithelela­na ngokocansi, i-UKZN Sexual Reproducti­ve Health and Rights Seminar.

UDkt Mansoor uthe kuningi asebekutho­lile ngendlela abantu abasha abenza ngayo ocwaningwe­ni lwabo nasezinhle­lweni abanazo okubalwa kuzo olubhekele ukuhlinzek­a imishanguz­o yokugwema ukungenwa yigciwane lengculazi iPre-Exposure Prophylaxi­s (PrEP) kubantu abasha nokuwuhlel­o olwenziwa kulesi sifundazwe. Okwamanje uMnyango wezeMpilo usahlinzek­a le mishanguzo kubantu abathile okubalwa kubo abesilisa abalala nabanye abantu besilisa nabantu abadayisa ngomzimba.

UDkt Mansoor uthe ekusebenze­ni kwabo nabantu abasha bathole ukuthi kusekhona abasahambe­la kude nezinhlelo zokugwema igciwane lengculazi. Uthe abanye abantu abasha basanovalo lokuhlolel­a igciwane lengculazi.

Ngokusho kwakhe abanye abantu abasha bebethi uma befika bezothola ngohlelo lokuhlinze­kwa ngemishang­uzo yokugwema igciwane lengculazi iPrEP babe nokudangal­a uma bethola ukuthi kufanele bahlolelwe igciwane lengculazi kuqala ngaphambi kokuthi bayithole imishanguz­o.

“Abanye bebevele babone kungcono bayiyeke bangayitha­thi le mishanguzo kunokuthi bahlole. Abanye bebethi uma behlola bathole ukuthi abanalo igciwane bese bebona ukuthi asikho isidingo sokuthi bayithathe iPrEP ngoba bebona bengenalo igciwane lengculazi,” kusho uDkt Monsoor.

Uthe kokunye abanye abantu bayahlulek­a ukumelana nokuthatha iphilisi nsuku zonke – abanye bakhala ngokuthi likhulu kakhulu.

UDkt Monsoor uthe kubaluleki­le ukuthi abantu bafundiswe ngokubalul­eka kwemishang­uzo nokuthi ngokuhamba kwesikhath­i imixhantel­a-miphumela abasuke bekhala ngayo iya ngokuya iphele.

Uthe kuningi asebekufun­dile ezinhlelwe­ni abazenzayo njengokuth­i usemningi umsebenzi okufanele wenziwe ukugqugquz­ela abantu ukuthi bazi kangcono ngemishang­uzo ekhona.

Uveze ukuthi le mishanguzo ibalulekil­e nokuthi baningi abantu abangasiza­kala kuyona okubalwa kubo abantu abafuna ukungalith­oli igciwane lengculazi, izithandan­i okukhona kuzo oyedwa onegciwane lengculazi nongenalo, abesifazan­e abafisa ukukhulelw­a nabakhulel­we nabantu abasha.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa