Inyunyana yabezempilo idlulisele izikhalo ehhovisi likandunankulu
wezeMpilo osekwenze ukuthi baqoke ukuzidlulisela ehhovisi likandunankulu.
Uthe ezinye zezinkinga abakhala ngazo wukungaholelwa kwabasebenzi imali okufanele bayiholelwe ngokokuqeqeshwa kwabo.
Ukhale ngokuthi umnyango ugcina ngokuqeqesha abahlengikazi ungabe usabaqasha ezikhundleni abasuke beqeqeshelwe ukusebenza kuzona. Uthe abahlengikazi basuke beyenza le misebenzi abasuke beqeqeshelwe yona kodwa bengayitholi imali efanele.
Ngaphandle kwalokhu uthi kwathathwa isinqumo sokuthi onompilo baholelwe imali elinganiselwa kuR3 000 ngenyanga kodwa kuze kube manje abayiholi le mali.
Okunye abakhale ngakho ukungaqashwa kwabasebenzi abathe kunomthelela ekutheni umnyango ubhekane namacala ngenxa yamaphutha enzeka ezikhungweni zezempilo.
“Ukushoda kwabasebenzi kuyinkinga enkulu. Abasebenzi basebenza beyidlanzana ezikhungweni zezempilo kodwa kulindeleke ukuthi benze imisebenzi eminingi ngoba uMnyango wezeMpilo uthi awunayo imali yokuqasha abanye. Okusixakayo wukuthi banayo imali yokuqasha izikhulu emnyangweni – zilokhu ziqashwa njalo kodwa abasebenzi bangaqashwa,” kusho uKunene.
Kusanda kuvela ukuthi uMnyango wezeMpilo kulesi sifundazwe ubhekene namacala afinyelela kuR17.56 billion ngenxa yamaphutha enzeka ezikhungweni zezempilo. Uthe isimo ngabe asisibi kangaka ukube abasebenzi bayaqashwa.
“Umnyango ugcina ukhokha imali eningi ukhokhela amacala engabe ukhokha imali yokuqasha abasebenzi bezempilo,” kusho uKunene.
Le nyunyana inike ihhovisi likandunankulu amasonto amabili ukuthi libuyele kuyona ngezikhalo zayo. UKunene uthe bathenjiswe ukuthi kuzoba nomhlangano wokudingida izinkinga abazibikile.