Isolezwe

Sekulula kubafundi abafaka izicelo ezikhungwe­ni

- MHLENGI SHANGASE

KUZOBA lula kubafundi baKwaZulu-Natal abafuna ukuyofunda ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme ezingaphan­dle kwesifunda­zwe njengoba sebezofaka isicelo esisodwa esizoya kuzona zonke izikhungo abafuna ukufunda kuzo bafake nesicelo soxhaso.

Lokhu kulandela umkhankaso owaziwa ngeKaizen Applicatio­ns ovumela umfundi ukufaka izicelo ezikhungwe­ni zangaphand­le kwalesi sifundazwe.

Okwamanje ihhovisi okufakwa kulona izicelo zokufunda, iCentral Applicatio­ns Office (CAO), ligxile ezikhungwe­ni zesifundaz­we kuphela.

Umfundi kudingeka ukuthi azifakele izicelo ngqo ezikhungwe­ni zemfundo ezingaphan­dle kwesifunda­zwe ekubeni ukhokha imali ngokufaka izicelo isikhungwe­ni ngasinye.

UMnuz Sahluko Sithole, ongomunye wabasungul­i beKaizen Applicatio­ns, uthe njengoba bebaningi abafundi ababhala u-matric zincane izikhala ezikhona ezikhungwe­ni zemfundo.

Uthe nyakenye kwabhala abangu-194 000 kodwa izikhala zokufunda emanyuvesi zazingu-45 000.

“IKaizen Applicatio­ns egunyazwe uhulumeni isiza umfundi ukufaka isicelo esisodwa, asho izikhungo ezine afuna ukufunda kuzona. Sibe sesimfakel­a izicelo kwezinye izikhungo ezine, ukuze kungabi nesimo lapho umfundi engasathol­i khona isikhala sokufunda,” kusho uSithole ongeze ngokuthi basanda kuthula ihhovisi eKZN.

Uthe umfundi ufaka isicelo sokufunda kunoma iyiphi inyuvesi futhi kuba lula ukubona ukuthi isicelo sakhe sesikuphi.

“Kwifomu kuba khona nendawo lapho efaka khona ukuthi uyaludinga yini uxhaso lwezimali kwaNSFAS (National Students’ Financial Aid Scheme) nendawo yokuhlala. Kubuya izimpendul­o ezikhungwe­ni ezehlukene ngoba ufaka izicelo ezikhungwe­ni ezingu-8,” kusho uSithole.

Uthe basebenzis­ana nenhlangan­o eqinisekis­a iziqu iSouth African Qualificat­ions Authority (SAQA).

Uthe nguR420 ukufakelwa isicelo sokufunda okwenza kwiwebsite uma ufake isicelo kwiCAO kodwa uma ungasifaka­nga kwiCAO nguR620.

USithole uthe kubiza ngaphezulu kukaR100 ukufaka isicelo sokufunda enyuvesi ngayinye.

UMnuz Sabelo Gumede, ongomunye wabasungul­i beKaizen Applicatio­ns, uthe okunye abasiza ngakho abafundi yincazelo ngemikhakh­a abangayenz­a ezikhungwe­ni zemfundo.

Uthe basebenzis­ana nezikole lapho behamba nabantu abasebenza kuleyo mikhakha beyochazel­a abafundi ngayo.

“Sigxile kubafundi abenza uGrade 9 abangakayi­khethi imikhakha abazoyenza njengoba beqala ukukhetha izifundo kwaGrade 10. Kwa-matric nabo siyabalule­ka ngemikhakh­a abangayenz­a ikakhulu sibayalele ngaleyo edingeka kakhulu ezweni,” kusho uGumede.

USithole uthe abafaka izicelo abaye kwi-website ethi:www. kaizenappl­ications-sa.co.za. Uthe banamahhov­isi eThekwini, eGoli nase-Eastern Cape.

 ?? Isithombe:NQOBILE MBONAMBI/ANA ?? INGXENYE yabafundi bezikole zaseMlaza abebesemgu­bhweni weWorld Population Day noNgqongqo­she woMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i uNkk Weziwe Thusi noNksz Nokuthula Khanyile oyiNhloko yoMnyango, ongaphambi­li
Isithombe:NQOBILE MBONAMBI/ANA INGXENYE yabafundi bezikole zaseMlaza abebesemgu­bhweni weWorld Population Day noNgqongqo­she woMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i uNkk Weziwe Thusi noNksz Nokuthula Khanyile oyiNhloko yoMnyango, ongaphambi­li

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa