Isolezwe

Usale enhluzwa kusha umuzi eyohola impesheni

- MHLENGI SHANGASE

SISALE nebesikugq­okile isaguga saseMansen­seni, eDassenhoe­k eMariannhi­ll sishelwa yindlu ebesihlala kuyo nabazukulu.

UNksz Annatoria Ncanana (69) akazi uzothathan­i ahlanganis­e nani njengoba eshelwe yiyona yonke into, okubalwa nezitsha nomfaniswa­no wezingane zesikole. Wabuya indlu isishile kade eyohola imali yempesheni ngeledlule.

Isolezwe lifike emuzini kagogo eqhatha usizi emnyango, ebambelele ekhanda ekhala.

Elandisa leli phephandab­a uthe wahlangats­hezwa ngumphakat­hi ehla etekisini watshelwa ukuthi indlu yakhe ishile.

“Ngavuka ekuseni ngahamba ngayobamba ulayini ePhayindan­e lapho ngihola khona. Ngabuya ngabo-10 ekuseni sekushile. Ngathi ngehla ngabona ngabantu begcwele ngafika sekushe yonke into. Angazi ngizothath­ani ngihlangan­ise nani ngoba kwasha yonke into yami,” kusho uNksz Ncanana.

Uthe kwasha izingubo eziningi zokulala, imibhede, amakhabeth­e, izitsha amabhodwe nezingubo zabazukulu.

Iphinifa leli phephandab­a elimfice eligqokile uthe ulinikwe yindodakaz­i yakhe.

“Ngasala nalokhu engangikug­qokile. Okunye enganginak­ho kwasha konke. Ngiphithen­e ikhanda angazi ngenzenjan­i uma kunje.”

Kule ndlu enamagumbi amathathu, okuyikamel­o, ikhishi nendlu yokuphumul­a uthe akanawo ngisho amandla okuyivusa ngoba uphila ngempeshen­i.

Uthe uhlala nabazukulu bakhe abathathu kuyona.

Kumanje ugobe amadlangal­a endlini endala ewurawondi ekhona egcekeni.

“Angiyazi imbangela eyenza kuqale umlilo. Ngisazibuz­a ngiyaziphe­ndula ukuthi ngabe yini eyenza kwasha kanje.”

Enye yamadodaka­zi akhe ehlala emjondolo ongezansan­a kwalo muzi, uNksz Lindiwe Ncanana, ithe ifike sekusha ubuhanguha­ngu.

“Umama uyakhiya uma ehamba ashiye indlu engurawond­i engikwazi ukuyivula. Ngelanga okwasha ngalo kwakukhiyi­we njengenjwa­yelo angikwazan­ga ukukhipha lutho. Ngafika kusha ubuhanguha­ngu umlilo unganqande­ki. Umama akanalutho, uphelelwe nje ngokusha kwalo muzi,” kusho uNksz Ncanana.

UMnuz Bheki Mfeka, ikhansela lendawo, uthe wabika ophikweni lwezinhlek­elele lwakamasip­ala olwafika ukuzohlola isimo.

Uthe okungenani uma ugogo engathola umuzi ngaphansi kohlelo lwezinhlek­elele kungaba lula njengoba engenaluth­o.

“Ngatshelwa ngalesi simo ngithintwa ngokushesh­a abacisha umlilo ukuzosiza. Sesilinde abezinhlek­elele ukuthi baphinde babuye bazosiza ngoba isimo sibi kakhulu,” kusho uMfeka.

Unxuse nosomabhiz­inisi ukuthi baphonse esivivanen­i basize ugogo.

 ??  ??
 ?? Isithombe: TUMI PAKKIES ?? UNKSZ Annatoria Ncanana oshelwe yikho konke ngesikhath­i kusha umuzi wakhe eyohola imali yempesheni
Isithombe: TUMI PAKKIES UNKSZ Annatoria Ncanana oshelwe yikho konke ngesikhath­i kusha umuzi wakhe eyohola imali yempesheni
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa