Usale enhluzwa kusha umuzi eyohola impesheni
SISALE nebesikugqokile isaguga saseMansenseni, eDassenhoek eMariannhill sishelwa yindlu ebesihlala kuyo nabazukulu.
UNksz Annatoria Ncanana (69) akazi uzothathani ahlanganise nani njengoba eshelwe yiyona yonke into, okubalwa nezitsha nomfaniswano wezingane zesikole. Wabuya indlu isishile kade eyohola imali yempesheni ngeledlule.
Isolezwe lifike emuzini kagogo eqhatha usizi emnyango, ebambelele ekhanda ekhala.
Elandisa leli phephandaba uthe wahlangatshezwa ngumphakathi ehla etekisini watshelwa ukuthi indlu yakhe ishile.
“Ngavuka ekuseni ngahamba ngayobamba ulayini ePhayindane lapho ngihola khona. Ngabuya ngabo-10 ekuseni sekushile. Ngathi ngehla ngabona ngabantu begcwele ngafika sekushe yonke into. Angazi ngizothathani ngihlanganise nani ngoba kwasha yonke into yami,” kusho uNksz Ncanana.
Uthe kwasha izingubo eziningi zokulala, imibhede, amakhabethe, izitsha amabhodwe nezingubo zabazukulu.
Iphinifa leli phephandaba elimfice eligqokile uthe ulinikwe yindodakazi yakhe.
“Ngasala nalokhu engangikugqokile. Okunye enganginakho kwasha konke. Ngiphithene ikhanda angazi ngenzenjani uma kunje.”
Kule ndlu enamagumbi amathathu, okuyikamelo, ikhishi nendlu yokuphumula uthe akanawo ngisho amandla okuyivusa ngoba uphila ngempesheni.
Uthe uhlala nabazukulu bakhe abathathu kuyona.
Kumanje ugobe amadlangala endlini endala ewurawondi ekhona egcekeni.
“Angiyazi imbangela eyenza kuqale umlilo. Ngisazibuza ngiyaziphendula ukuthi ngabe yini eyenza kwasha kanje.”
Enye yamadodakazi akhe ehlala emjondolo ongezansana kwalo muzi, uNksz Lindiwe Ncanana, ithe ifike sekusha ubuhanguhangu.
“Umama uyakhiya uma ehamba ashiye indlu engurawondi engikwazi ukuyivula. Ngelanga okwasha ngalo kwakukhiyiwe njengenjwayelo angikwazanga ukukhipha lutho. Ngafika kusha ubuhanguhangu umlilo unganqandeki. Umama akanalutho, uphelelwe nje ngokusha kwalo muzi,” kusho uNksz Ncanana.
UMnuz Bheki Mfeka, ikhansela lendawo, uthe wabika ophikweni lwezinhlekelele lwakamasipala olwafika ukuzohlola isimo.
Uthe okungenani uma ugogo engathola umuzi ngaphansi kohlelo lwezinhlekelele kungaba lula njengoba engenalutho.
“Ngatshelwa ngalesi simo ngithintwa ngokushesha abacisha umlilo ukuzosiza. Sesilinde abezinhlekelele ukuthi baphinde babuye bazosiza ngoba isimo sibi kakhulu,” kusho uMfeka.
Unxuse nosomabhizinisi ukuthi baphonse esivivaneni basize ugogo.