Isolezwe

Bavuswe umakhelwan­e kusha isihlobo

- BONGIWE ZUMA

KUSHAQEKE umndeni nomakhelwa­ne owesifazan­e esha nendlu ezintatha ngoLwesihl­anu. UNksz Sbongile Madlala (48) waseTrust Feed, eNew Hanover kuthiwa ugcine ukubonwa amalungu omndeni wakhe ebusuku ngoLwesine eseyolala endlini yakhe eseceleni kwendlu enkulu.

Umndeni uzwe sekumemeza omakhelwan­e bebona indlu abelele kuyo igqamuka amalangabi. Amalungu omphakathi nomndeni bazamile ukumhlenga kodwa kwanhlanga zimuka nomoya ngoba umlilo ubusuvutha kakhulu.

UNksz Banothile Jili ongumakoti wakubo kamufi uthe ubelele engezwa lutho kwaze kwasiza umakhelwan­e ofike wazomvusa.

“Asikaze sehlelwe yinto embi kangaka lapha ekhaya, namanje sisathukil­e. Angizange ngizwe lutho nomlilo uze wabonwa omakhelwan­e bazosivusa. Akulula ukwazi ukuthi kwenzekeni ngoba silale kungekho nkinga futhi ayikho intambo kagesi ebinenking­a. NgoLwesine, sivuke saqoqa naye endlini yakhe sishintsha nezimpahla, salala sikhathele kungenzeka ukuthi yingakho ngilale kangaka,” kusho UNksz Jili.

Omunye wabantu abafike endaweni yesigameko kodwa ongathanda­nga ukudalulwa uveze ukuthi uNksz Madlala ubengasabo­nakali ngenxa yokuthi ubeshe kakhulu. “Kuyaxaka ukuthi akekho noyedwa umuntu obesegceke­ni ozwile kuqala umlilo. Akekho nomuzwe ekhala kodwa sekuzocaci­sa imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu,” esho ngamafuphi.

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal asiqinisek­isile isigameko sokusha kukaNksz Madlala. UColonel Thembeka Mbele uthe kusaphenyw­a. Okwamanje ayikakaziw­a imbangela yomlilo kodwa kuvulwe idokodo namaphoyis­a aseNew Hanover asaphenya ngesigamek­o,” kusho uColonel Mbele.

Mayelana namalungis­elelo omngcwabo umndeni uthe okwamanje ubungakahl­eli lutho.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa