Bavuswe umakhelwane kusha isihlobo
KUSHAQEKE umndeni nomakhelwane owesifazane esha nendlu ezintatha ngoLwesihlanu. UNksz Sbongile Madlala (48) waseTrust Feed, eNew Hanover kuthiwa ugcine ukubonwa amalungu omndeni wakhe ebusuku ngoLwesine eseyolala endlini yakhe eseceleni kwendlu enkulu.
Umndeni uzwe sekumemeza omakhelwane bebona indlu abelele kuyo igqamuka amalangabi. Amalungu omphakathi nomndeni bazamile ukumhlenga kodwa kwanhlanga zimuka nomoya ngoba umlilo ubusuvutha kakhulu.
UNksz Banothile Jili ongumakoti wakubo kamufi uthe ubelele engezwa lutho kwaze kwasiza umakhelwane ofike wazomvusa.
“Asikaze sehlelwe yinto embi kangaka lapha ekhaya, namanje sisathukile. Angizange ngizwe lutho nomlilo uze wabonwa omakhelwane bazosivusa. Akulula ukwazi ukuthi kwenzekeni ngoba silale kungekho nkinga futhi ayikho intambo kagesi ebinenkinga. NgoLwesine, sivuke saqoqa naye endlini yakhe sishintsha nezimpahla, salala sikhathele kungenzeka ukuthi yingakho ngilale kangaka,” kusho UNksz Jili.
Omunye wabantu abafike endaweni yesigameko kodwa ongathandanga ukudalulwa uveze ukuthi uNksz Madlala ubengasabonakali ngenxa yokuthi ubeshe kakhulu. “Kuyaxaka ukuthi akekho noyedwa umuntu obesegcekeni ozwile kuqala umlilo. Akekho nomuzwe ekhala kodwa sekuzocacisa imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu,” esho ngamafuphi.
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal asiqinisekisile isigameko sokusha kukaNksz Madlala. UColonel Thembeka Mbele uthe kusaphenywa. Okwamanje ayikakaziwa imbangela yomlilo kodwa kuvulwe idokodo namaphoyisa aseNew Hanover asaphenya ngesigameko,” kusho uColonel Mbele.
Mayelana namalungiselelo omngcwabo umndeni uthe okwamanje ubungakahleli lutho.