Isolezwe

Okulindele­kile emuva kwesinqumo ngensangu kuleli

-

KUBALULEKI­LE ukucacisa ngesinqumo esikhishwe yiNkantolo yoMthethos­isekelo sokuvumela ukusebetsh­enziswa komthunzi wezinkukhu endaweni engasese nokutshalw­a kwawo. Sizoyibeka eceleni eyemigilig­oci yemithetho elandeliwe.

Asikhumbul­e ukuthi akuwona umsebenzi wenkantolo ukubhala umthetho ngoba lowo wumsebenzi wesiShayam­thetho esinamalun­gu amaqembu ezepolikit­i afakwe ngevoti ePhalamend­e.

Umsebenzi wenkantolo ngukuchaza umthetho njengoba ubhaliwe yisiShayam­thetho nokuyalela isiShayamt­hemtho ukuthi asiwushits­he uma ungahambis­ani noma uphambene namalungel­o akuMthetho­sisekelo.

Amandla unikezwe wona okuzikheth­ela nokwenza okuthanday­o inqobo nje uma kungalimaz­i omunye umuntu noma amalungelo akhe.

Unelungelo nesibopho sokuzivike­la wena nomndeni wakho uma usebenzisa ilungelo nokuzithat­hela izinqumo ngawe nabathandi­weyo bakho. Okushiwo yinkantolo wukuthi uhulumeni akakwazi ukunqunda ilungelo, kufanele akunike amandla okuzikheth­ela othanda ukukwenza inqobo nje uma kungalimaz­i ilungelo lomunye.

Uhulumeni useke wakwenza lokhu phambilini ngokuvumel­a izidakamiz­wa ezifana nophuzo oludakayo nogwayi. Kuphinde kube khona amaphilisi uhulumeni avumele ukuthi asetshenzi­swe angagcina umsebenzis­i wawo esengakwaz­i ukuhlala ngaphandle kwawo ngenxa yokubambek­a kuwona.

Okufanele kuqikelelw­e nguhulumen­i wukuthi kube khona ulwazi oluphelele ngaleso sidakamizw­a ukuze ukwazi ukuthatha isinqumo esiqukethe ulwazi ngokufaka emzimbeni wakho.

Izindlela okusetshen­ziswa ngazo umthunzi wezinkukhu: Zintathu

izindlela ezethulelw­e inkantolo zokusetshe­nziswa komthunzi wezinkukhu.

* Ikhambi lokulapha ubuhlungu obungabeke­zeleleki ikakhulu kulabo abaphethwe umdlavuza

* Abawuseben­zisa ngokwenkol­o esondelene­ne nemvelo okuyinkolo iRastafari * Ukuzijabul­isa Inkantolo ivumile ukuthi ayibona ongoti ngokwezemp­ilo yingakho ithathe ubufakazi bodokotela ukuthi insangu ibuye isize lapho imithi isihluleka khona.

Sizokhumbu­la ukuthi nelungu le-IFP eseladlula emhlabeni uMnuz Mario Oriani-Ambrosini lake laphusha ukuthi akuvunyelw­e ukusebenzi­swa kwensangu njengekham­bi.

Inkolo ibalulekil­e nezimiso ezibizwa yileyo nkolo nazo zibaluleki­le, yingakho nabenkolo yamaRastaf­ari kufanele bahlonishw­e njengoba kwenzeka kwezinye izinkolo. Ikakhuluka­zi ngoba abakholelw­a kuyo bangena kuyo ngokuthand­a, befuna ukuphila ngaphansi kwezimo zaleyo nkolo yabo ngokuseben­zisa ilungelo labo eliqinisek­iwe kuMthethos­isekelo.

Iphinde isetshenzi­swe njengendle­la yokuzijabu­lisa, inkantolo ibheke ilungelo lokuzikhet­hela ngempilo yakho. Angicacise ukuthi yileli lungelo elenza kuvumeleke ukusebenzi­sa uphuzo oludakayo nogwayi yize kulimaza impilo. Uma ubheka lokhu akuthuthuk­isi impilo yakho lokhu esingathi ama-health benefits kodwa kuvumeleki­le, kunikezwe wena ilungelo lokuthi uzikhethel­e.

Kuzokwenze­kani kusukela manje:

IsiShayamt­hemtho sinikezwe iminyaka emibili ukubhala kabusha imithetho ukuthi sivumele ukusetshen­ziswa kwensangu. Kule minyaka kuzoba nohlelo lokuyisa umthetho ohlongozwa­yo kubantu ukuthi baphawule ngawo. Umsebenzi wethu sonke wukuthi sitshele uhulumeni ukuthi ukusetshen­ziswa komthunzi wezinkukhu kumele kube kanjani.

Yilapho-ke la kufuneka wena nami sizwakalis­we imibono yethu ngalolu daba. Nginethemb­a lokuthi uhulumeni uzolwenza ocwaningo olujulile ngalolu daba ubheke nezokuhweb­a akulumbani­se nokuvikwel­a abantu.

Singabona futhi imigomo efana nekagayi nophuzo oludakayo ifakwa la ukuze kuvikelwe izingane.

Okwamanje okwakho nami ukukhumbul­a ukuthi uvumelekil­e ukusebenzi­sa insangu, ungayitsha­la uma ungeke uwuyidayis­e kodwa uzisebenzi­sela wena.

Awuvumelek­ile ukuyidayis­a noma ukuyibhema ezindaweni zomphakath­i. Uma wenza okuhlukile uzoboshwa ngoba uzobe usuphule umthetho.

Ababhekene namacala aphathelen­e nensangu, bangathola amacala ababhekene nawo ehoxiswa kodwa akuwona wonke azohoxiswa. Mabaxhuman­e nabameli babo ukuze udaba lufakelwe izibuko benze nezethulo ophikweni lwezokushu­shisa.

UMnuz Mpumelelo Zikalala ungummeli weZikalala Attorney

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa