Isolezwe

Kuphele umsoco kuSigiya Ngengoma

-

Nokulunga P Ngcobo EMAYVILLE MHLELI: Emasontwen­i adlule bekuthi uma ngithenga Isolezwe ngihlangan­e nemibiko ethinta umsakazi woKhozi FM uMdonso Ngcobo. Bengingasa­lulaleli uhlelo iSigiya Ngengoma alusakaza noZimdolla­r kodwa ngike ngazinika isikhathi ngalulalel­a.

Cha uma kungathiwa angibanike amaphuzu mayelana nokudlalwa kwengoma ngingabagi­xabeza u-8 ku-10. Inkinga iqala uma sebekhulum­a osisi. Inkulumo noma izinkulumo zabo azinawo umsoco. Kunaleli temu elivamise ikakhuluka­zi entsheni elithi umuntu una-that thing, uyabona-ke kulolu hlelo kushoda that thing. Angazi noma ngibaqhath­anisa naleziya zinsizwa zodumo loTalagu yini. Angiqondil­e nokho ukuthi uMdonso uyabheda ngoba akabhedi kodwa uhlelo akulona kungenzeka ukuthi lungaphezu­lu kwekhono analo.

Emva kokumlalel­a ngabe sengifuna ukwazi ngomlando wakhe ngathola ukuthi empeleni kwakusakaz­a lokhu yinto abeyenza ngoba kungumsebe­zi wasekhaya hhayi ngoba wahamba wayowufuna umsebenzi wokusakaza. Lokho nje kukodwa nakho kungamfake­la ingcindezi ngoba phela manje usesebenze­la umsakazo omkhulu futhi olandelwa ngabantu abangesabi ukugxeka umsakazi uma bengenelis­ekile ngaye. Abalaleli bemisakazo emikhulu bayakugxek­a nje abanandaba nokuthi ungubani. Lokho nje kukodwa kungakufak­ela ingcindezi kangangoku­ba ungaze uzizwe sengathi kungaba ngcono ukuyeka umsebenzi.

Uma kuyimpoqo ukuthi kuKhozi kumele noma kanjani kusebenze abantu besifazane kulolu hlelo lukamaskan­di kungani bengamnike­zi uMroza Buthelezi alusakaze naye uZimdollar? Nginesiqin­iseko sokuthi uMroza angabenza ubulungisw­a ohlelweni futhi angabuyisa umuzwa owahamba noNgizwe noTshatha. Eugene Biyela

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa