Kuphele umsoco kuSigiya Ngengoma
Nokulunga P Ngcobo EMAYVILLE MHLELI: Emasontweni adlule bekuthi uma ngithenga Isolezwe ngihlangane nemibiko ethinta umsakazi woKhozi FM uMdonso Ngcobo. Bengingasalulaleli uhlelo iSigiya Ngengoma alusakaza noZimdollar kodwa ngike ngazinika isikhathi ngalulalela.
Cha uma kungathiwa angibanike amaphuzu mayelana nokudlalwa kwengoma ngingabagixabeza u-8 ku-10. Inkinga iqala uma sebekhuluma osisi. Inkulumo noma izinkulumo zabo azinawo umsoco. Kunaleli temu elivamise ikakhulukazi entsheni elithi umuntu una-that thing, uyabona-ke kulolu hlelo kushoda that thing. Angazi noma ngibaqhathanisa naleziya zinsizwa zodumo loTalagu yini. Angiqondile nokho ukuthi uMdonso uyabheda ngoba akabhedi kodwa uhlelo akulona kungenzeka ukuthi lungaphezulu kwekhono analo.
Emva kokumlalela ngabe sengifuna ukwazi ngomlando wakhe ngathola ukuthi empeleni kwakusakaza lokhu yinto abeyenza ngoba kungumsebezi wasekhaya hhayi ngoba wahamba wayowufuna umsebenzi wokusakaza. Lokho nje kukodwa nakho kungamfakela ingcindezi ngoba phela manje usesebenzela umsakazo omkhulu futhi olandelwa ngabantu abangesabi ukugxeka umsakazi uma bengenelisekile ngaye. Abalaleli bemisakazo emikhulu bayakugxeka nje abanandaba nokuthi ungubani. Lokho nje kukodwa kungakufakela ingcindezi kangangokuba ungaze uzizwe sengathi kungaba ngcono ukuyeka umsebenzi.
Uma kuyimpoqo ukuthi kuKhozi kumele noma kanjani kusebenze abantu besifazane kulolu hlelo lukamaskandi kungani bengamnikezi uMroza Buthelezi alusakaze naye uZimdollar? Nginesiqiniseko sokuthi uMroza angabenza ubulungiswa ohlelweni futhi angabuyisa umuzwa owahamba noNgizwe noTshatha. Eugene Biyela