Amathuba omsebenzi kwakhiwa imigwaqo
BAZOHLOMULA ngamathuba omsebenzi abantu abakhele uMasipala uMngeni emuva kokuba umemezele ukuthi utshale uR60 million wokuba kwakhiwe imigwaqo kuqashwe abantu abalinganiselwa ku-117.
IMeya kaMasipala, uMnuz Sizwe Sokhela, uveze lokhu ngesikhathi ethula ngokusemthethweni uhlelo lweCapital Project njengoba kuyinyanga yezokuthutha.
Uthe imigwaqo ezolungiswa nezokwakhiwa kabusha izokwenza impilo ibe lula kubantu basendaweni abazohlomula ngamathuba omsebenzi.
“UMasipala uzotshala u-R40 million wokwakha nokulungisa imigwaqo ohlelweni lawo lweCapital Project. Ngaphezu kwaleyo mali sizokwengeza uR20 million ozokwakha imigwaqo,” kusho uSokhela.
Izinhlelo zentuthuko zizobonakala eHowick, Mpophomeni, Karkloof, Lion’s River naseHilton nezinye ezingamapulazi ezakhelene nalezi zindawo.
“Siyaziqhenya kakhulu ngokuthi siphume nalezi zinhlelo ngokwemigomo ebesikade siyimemezele ngonyaka ophelile. Nathi sithole ukumangala ngezinga eliphezulu lezinhlelo nokushesha kokuphothulwa kwazo. Abantu abawu117 basendaweni bazothola amathuba omsebenzi. Zngaphezu kuka-10 izinkampani ezizothola umsebenzi,” kusho uSokhela.
Ngesikhathi kwethulwa izinhlelo, ilungu lomphakathi elihlala ku-ward 4, uMnuz Eric Dunn, ukhanyiselwe ugesi emzini wakhe asehlale kuwo iminyaka engaphezu kwengu-10 ekhanyisa ngeziphefu.
Nabanye omakhelwane bakhe abangaphezu kuka-500 bakhanyiselwe okokuqala ugesi osanda kufakwa.
Ngaphezu kwalokhu ezinye izinhlelo, okubalwa kuzo ukufakwa kukagesi emphakathini nenye intuthuko umasipala ubheke ukuba usebenzise uR60 billion.