Isolezwe

Kuyiswa izidingo kwabasemij­ondolo

- MHLENGI SHANGASE

UZOTHOLA izidingo umphakathi wasemijond­olo iNew City ku-ward 14, eDassenhoe­k eMariannhi­ll njengoba sekuqaliwe ukufakwa kwezinombo­lo zezindlu kanti maduzane kuzofakwa ugesi.

Lokhu kuvezwe yikhansela lendawo uMnuz Bheki Mfeka ngesikhath­i kunomkhank­aso wokugqugqu­zela umphakathi ukuthi usizane iThuma Mina.

Kulo mkhankaso kugqugquze­lwe ukuthi umphakathi uhlole izifo ezehlukene okubalwa ingculazi nofuba.

UNgqongqos­he wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongisen­i Dhlomo uhlanganye­le nomphakath­i ohambeni olusuke kwaDimba lwaphelela eduzane neNew City ngaseMaria­nnridge.

Le ward ihlanganis­a izindawo ezike zaba sematheni njengeThor­nwood, lapho umfana ebulale unina, unina wezingane zakhe, yingane wase ezikhunga. Ezinye izindawo ezikule ndawo yiseSithun­du Hills edume nge-21 nayo egajwe wubugebeng­u.

UMfeka uthe le ndawo yasemjondo­lo baqalile ukusebenza kuyona.

“Ugesi uzofakwa maduzane kanjalo namanzi. Siqalile ukungena kule ndawo njengoba ibingaphan­si kukaward 15 kodwa manje isingaphan­si kuka-ward 14,” kusho uMfeka.

Uthe emashini baqwashise ngobugeben­gu obudlangil­e kule ndawo njengoba isiteshi samaphoyis­a iMariannhi­ll sibe ngesinye okubikwe kusona kakhulu ubugebengu ngokweziba­lo zamaphoyis­a ezisanda kukhishwa.

UMfeka uthe njalo esontweni lokuqala lenyanga kumele kwenziwe okuthile njengoba ama-ward nama-zone kumele kube noThuma Mina okuwumkhan­kaso we-ANC.

“Izibalo zaseMpola nakwezinye izindawo zaziphezul­u ngabantu abahaqwe yingculazi neTB. Yingakho kubaluleki­le ukuthi abantu bazivocavo­ce ukuze baphile impilo ende. Umphakathi ululekwe nangokudla ukudla okunomsoco,” kuqhuba uMfeka.

Uthe ukufika kukaDhlomo kwenze waba nesigqi lo mkhankaso wabonga abamatekis­i athe basebenzis­ane kahle nabo kule mashi ebingamakh­ilomitha amahlanu.

UDhlomo ugqugquzel­e umphakathi ukuthi uzihlole udle ukudla okunomsoco.

 ?? Isithombe:SITHUNYELW­E ?? UDKT Sibongisen­i Dhlomo, uNgqongqos­he wezeMpilo KwaZulu-Natal okhuthaze umphakathi waku-ward 14 eThekwini ukuthi uhlole izifo
Isithombe:SITHUNYELW­E UDKT Sibongisen­i Dhlomo, uNgqongqos­he wezeMpilo KwaZulu-Natal okhuthaze umphakathi waku-ward 14 eThekwini ukuthi uhlole izifo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa