Izingqinamba ekuvikeleni intsha kwiHIV
ABACWANINGI baveze ukuthi ziseningi izingqinamba ekuvikeleni intsha ukuthi ingenwe yigciwane lengculazi yize seziningi izindlela zokugwema ukuthi iyithole.
UDkt Leila Mansoor, wenhlangano yocwaningo lwegciwane lengculazi iCentre for the AIDS Programme of Research in South Africa, utshele abafundi basesikhungweni semfundo ephakeme i-University of KwaZulu-Natal (UKZN) ukuthi seziningi izindlela ezikhona abangazisebenzisa ukugwema ukungenwa yigciwane lengculazi kodwa kunezingqinamba ezenza kube nzima ukuthi abantu bazisebenzise.
Ubekhuluma ngesikhathi kunengqungquthela yosuku olulodwa kuxoxiswana nabafundi ngokubaluleka kokuhlela umndeni, igciwane lengculazi nezinye izifo ezithelelana ngokocansi, i-UKZN Sexual Reproductive Health and Rights Seminar.
UDkt Mansoor uthe kuningi asebekutholile ngendlela abantu abasha abenza ngayo ocwaningweni lwabo nasezinhlelweni abanazo okubalwa kuzo olubhekele ukuhlinzeka imishanguzo yokugwema ukungenwa yigciwane lengculazi iPre-Exposure Prophylaxis (PrEP) kubantu abasha nokuwuhlelo olwenziwa kulesi sifundazwe. Okwamanje uMnyango wezeMpilo usahlinzeka le mishanguzo kubantu abathile okubalwa kubo abesilisa abalala nabanye abantu besilisa nabantu abadayisa ngomzimba.
UDkt Mansoor uthe ekusebenzeni kwabo nabantu abasha bathole ukuthi kusekhona abasahambela kude nezinhlelo zokugwema igciwane lengculazi. Uthe abanye abantu abasha basanovalo lokuhlolela igciwane lengculazi.
Ngokusho kwakhe abanye abantu abasha bebethi uma befika bezothola ngohlelo lokuhlinzekwa ngemishanguzo yokugwema igciwane lengculazi iPrEP babe nokudangala uma bethola ukuthi kufanele bahlolelwe igciwane lengculazi kuqala ngaphambi kokuthi bayithole imishanguzo.
“Abanye bebevele babone kungcono bayiyeke bangayithathi le mishanguzo kunokuthi bahlole. Abanye bebethi uma behlola bathole ukuthi abanalo igciwane bese bebona ukuthi asikho isidingo sokuthi bayithathe iPrEP ngoba bebona bengenalo igciwane lengculazi,” kusho uDkt Monsoor.
Uthe kokunye abanye abantu bayahluleka ukumelana nokuthatha iphilisi nsuku zonke – abanye bakhala ngokuthi likhulu kakhulu.
UDkt Monsoor uthe kubalulekile ukuthi abantu bafundiswe ngokubaluleka kwemishanguzo nokuthi ngokuhamba kwesikhathi imixhantela-miphumela abasuke bekhala ngayo iya ngokuya iphele.
Uthe kuningi asebekufundile ezinhlelweni abazenzayo njengokuthi usemningi umsebenzi okufanele wenziwe ukugqugquzela abantu ukuthi bazi kangcono ngemishanguzo ekhona.
Uveze ukuthi le mishanguzo ibalulekile nokuthi baningi abantu abangasizakala kuyona okubalwa kubo abantu abafuna ukungalitholi igciwane lengculazi, izithandani okukhona kuzo oyedwa onegciwane lengculazi nongenalo, abesifazane abafisa ukukhulelwa nabakhulelwe nabantu abasha.