Inkinga kaphethroli isishaye uhlelo lwamanzi
KUZOQEDWA uhlelo lokuhambisela umphakathi waseMsinga amanzi ngamaloli ngenxa yokunyuka ngamandla kukaphethroli. Umasipala uthathe isinqumo sokuba kugxilwe ekufakweni amanzi adonswa phansi nasemifuleni ngamapayipi ukuze wonge imali.
Lokhu kuvezwe iMeya yaseMsinga uNkk Buyiswa Ngcobo ephawula ngohlelo oluqhubekayo lokufakelwa kwamanzi ezigodini ezahlukene zaseMsinga oluqalwe ngesonto eledlule, oluphethwe uMasipala wesiFunda uMzinyathi.
“Ngendlela uphethroli obiza ngayo sesibone kungcono ukuthi amaloli esiwasebenzisayo siwamise nakuba kungeke kwenzeke masishane kodwa yinto esifuna ukuyenza ngoba nakhu umasipala omkhulu ususilekelele wasifakela amanzi adonswayo afinyelela kalula emphakathini esiwakhele. Uphethroli uyinkinga kakhulu kithi njengoba singumasipala obheke imali yesibonelelo sikahulumeni. Izindawo zethu eziningi ezingenamanzi ziningi futhi zikude okwenza sikhokhele kakhulu uphethroli uma kuyiwa kuzo,” kusho uNkk Ngcobo.
Uthe bazokwenza isiqiniseko sokuthi zonke izigodi zithola amanzi afakwa ngamapayipi ngokushesha ukuze bahlukane nokusebenzisa amaloli.
Uthe izizumbulu abazikhokha bethenga uphethroli sebezozisebenzisela ezinye izidingo zomphakathi waseMsinga.
UMsinga uyingxenye yezindawo zaKwaZulu-Natal ezakhahlamezwa kakhulu isomiso kusuka ngo-2013.
UNkk Ngcobo uveze ukuthi indawo yabo iyodwa yafelwa izinkomo ezingaphezulu kuka-2000 zomphakathi ngenxa yesomiso njengoba kwasekushe notshani namanzi.
Yize uNkk Ngcobo ezishaya isifuba ngohlelo lokufakelwa kwabantu amanzi kodwa kukhona amalungu omphakathi akhonondayo ukuthi amapayipi afakiwe ezindaweni zawo awawakhiphi amanzi, okwenza bancamele uhlelo lwamaloli.
UNkk Ngcobo uthe isimo lesi abasilungisayo ngoba ezinye izindawo ziyenyukela kodwa basebenza ngamandla ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyawathola amanzi.