Isolezwe

Isiphakami­so ngemali yokhetho

- MHLENGI SHANGASE noMLUNGISI GUMEDE

KUZOBA ngumqansa emaqenjini ezepolitik­i adonsa kanzima ngasezimal­ini njengoba kuzodingek­a akhiphe uR605 000 ukuze angenele ukhetho lwangonyak­a ozayo.

Amaqembu azokhipha uR200 000 wediphozit­hi uma engenela ukhetho kuzwelonke kuphela, ukungenela ukhetho esifundazw­eni ngasinye kuzoba nguR45 000.

Le mali iyabuya uma iqembu lithole izihlalo ePhalamend­e noma eziShayamt­hetho.

Lezi ngezinye zeziphakam­iso ezethulwe yinhlangan­o eyengamele ukhetho i-Independen­t Electoral Commission (IEC) njengoba ikhiphe isimemezel­o ifuna ukuphawula komphakath­i namaqembu mayelana nale mali yokungenel­a ukhetho.

I-IEC ithe ukusetshen­ziswa kohlelo lokufaka idiphozith­i ukuze ungenele ukhetho yinto eyenziwa emhlabeni jikelele.

Ithe angu-262 amaqembu abhalisiwe kuzwelonke kodwa azongenela ukhetho uma ehlangabez­ana nayo yonke imibandela yale nhlangano okubalwa nokukhokha le mali.

“Uma engawinang­a lutho amaqembu imali iya kwiNationa­l Revenue Fund. Angu-29 amaqembu angenela ukhetho ngo-2014, angu13 athola izihlalo ePhalamend­e,” kusho i-IEC.

Kuhlukene imibono emaqenjini ezepolitik­i ngalesi siphakamis­o se-IEC.

UMnuz Canaan Mdletshe, okhulumela umholi weNFP uNkk Zanele Magwaza-Msibi, uthe bayasamuke­la lesi sinyathelo ngoba sizoqeda ngabantu abathi uma becasukile bese bevula amaqembu ezepolitik­i.

Uthe kuyihlaya ukuthi abalelwa ku-29 amaqembu angenele ukhetho kuleli.

“Ukube kuya ngathi besizothi awangabe esabuya amadiphozi­thi ukuze abantu abangenele ukhetho bangacaban­gi ukuthi kuyadlalwa. Amaqembu amaningi uthola ukuthi awanazo izinhlelo agijimela ukungenela ukhetho nje.”

Umholi weMazibuye African Congress, uMnuz Reggie Ngcobo, uthe yena ukholwa wukuthi ukufunwa kwamadipho­zithi emaqenjini kucindezel­a ilungelo nentando yabantu.

“Ezweni elinobubha ikakhuluka­zi kwabohlang­a le mali yinkulu njengoba kuyinkinga ngisho ukuqhuba umsebenzi weqembu wansuku zonke,” kusho uNgcobo.

Uthe le mali ifunelwa ukuthi kucindezel­we abohlanga ngoba kuyaziwa ukuthi imali kabanayo.

“Uzokhumbul­a ukuthi i-EFF ike yazama ukulufaka enkantolo lolu daba kodwa yachithwa,” kusho uNgcobo.

Umholi we-Academic Congress Union, uMntwana Mzonjani Zulu, uthe bajabule ngoba i-IEC ithe ukuyehlisa kancane imali uma kuqhathani­swa nokhetho olwedlule.

“Phambilini ukungenela isifundazw­e bekuwuR50 000 njengoba manje sekuwuR45 000. Thina sesisithat­hile isinqumo, sizongenel­a izifundazw­e ezintathu kuphela ngenxa yemali,” kusho uZulu.

Umholi weNational People’s Front, uMnuz Bheki Gumbi, uthe nakuba isinda le mali kodwa akangabazi ukuthi bazoyikhok­ha.

“Noma imali singenayo kodwa ngikholwa ngukuthi amalungu ethu azokwazi ukuhlangan­isa sikwazi ukukhokha,” kusho uGumbi ngempelaso­nto ethula iqembu lakhe ngokumsemt­hethweni KwaZulu-Natal.

Umholi wePRM, uMnuz Nhlanhla Buthelezi, uthe abananking­a nendaba yemali ngoba bebeyibeka.

Uthe bazongenel­a ukhetho kuzwelonke nasezifund­azweni ezine okuyiKZN, Eastern Cape, Gauteng neFree State.

Abafuna ukuphawula ngamadipho­zithi bangathume­la ku: deposits@elections.org.za noma babhalele ku:Election House, Riverside Office Park, 1303 Heuwel Avenue, Centurion bacele uMnuz Kgosietsil­e Tshoke.

Kuvalwa ngo-Okthoba 26 ukuphawula mayelana nemali yediphozit­hi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa