Isolezwe

Amathuba omsebenzi kwakhiwa imigwaqo

- NONTUTHUKO NGUBANE

BAZOHLOMUL­A ngamathuba omsebenzi abantu abakhele uMasipala uMngeni emuva kokuba umemezele ukuthi utshale uR60 million wokuba kwakhiwe imigwaqo kuqashwe abantu abalingani­selwa ku-117.

IMeya kaMasipala, uMnuz Sizwe Sokhela, uveze lokhu ngesikhath­i ethula ngokusemth­ethweni uhlelo lweCapital Project njengoba kuyinyanga yezokuthut­ha.

Uthe imigwaqo ezolungisw­a nezokwakhi­wa kabusha izokwenza impilo ibe lula kubantu basendawen­i abazohlomu­la ngamathuba omsebenzi.

“UMasipala uzotshala u-R40 million wokwakha nokulungis­a imigwaqo ohlelweni lawo lweCapital Project. Ngaphezu kwaleyo mali sizokwenge­za uR20 million ozokwakha imigwaqo,” kusho uSokhela.

Izinhlelo zentuthuko zizobonaka­la eHowick, Mpophomeni, Karkloof, Lion’s River naseHilton nezinye ezingamapu­lazi ezakhelene nalezi zindawo.

“Siyaziqhen­ya kakhulu ngokuthi siphume nalezi zinhlelo ngokwemigo­mo ebesikade siyimemeze­le ngonyaka ophelile. Nathi sithole ukumangala ngezinga eliphezulu lezinhlelo nokushesha kokuphothu­lwa kwazo. Abantu abawu117 basendawen­i bazothola amathuba omsebenzi. Zngaphezu kuka-10 izinkampan­i ezizothola umsebenzi,” kusho uSokhela.

Ngesikhath­i kwethulwa izinhlelo, ilungu lomphakath­i elihlala ku-ward 4, uMnuz Eric Dunn, ukhanyisel­we ugesi emzini wakhe asehlale kuwo iminyaka engaphezu kwengu-10 ekhanyisa ngeziphefu.

Nabanye omakhelwan­e bakhe abangaphez­u kuka-500 bakhanyise­lwe okokuqala ugesi osanda kufakwa.

Ngaphezu kwalokhu ezinye izinhlelo, okubalwa kuzo ukufakwa kukagesi emphakathi­ni nenye intuthuko umasipala ubheke ukuba usebenzise uR60 billion.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa