Isolezwe

‘Kuningi esizokulun­gisa ngekhefu leFifa’

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uGiovanni Solinas, ukhombise izimpawu zokukujabu­lela ukuthi imidlalo ye-Absa Premiershi­p izoke ithi gozololo.

Kuphazamis­eke irekhodi lakhe lokungasha­ywa emidlalwen­i eyisikhomb­isa ngesikhath­i ekhala ngaphansi ngo 1-0 kwiPolokwa­ne City.

Emdlalweni obungabuke­lwa muntu ngenxa yesigwebo seChiefs esithole ngenxa yokuthi abalandeli bayo besolwe ngokuhudul­ela phansi isithunzi seligi, iChiefs ikhale ngaphansi ngenguzung­a yeshodi elishaywe uVusumuzi Mngomezulu ngasekuphe­leni kwesiwombe sokuqala.

Nakuba uSolinas ekhala ngokuthi bekuzoba ngcono ukuba bebewuwini­le umdlalo ukuze baye ekhefini behambela phezulu kodwa uthe lizomnika ithuba lokusebenz­a ngezinto ezithile bese kuvela nesikhathi esikahle sokuthi alulame ngokugcwel­e uLeonardo Castro olimele.

“Uqalile uCastro ukugijima namuhla (esho ngoMgqibel­o). Lezi yizindaba ezimnandi ngendlela engachazek­i ngoba ungomunye wabadlali abamqoka kithina. Ithuba elikhona singadlali ngalo lizokwenza ukuthi asebenze kahle nodokotela bengacinde­zwe yilutho,” kusho uSolinas.

Ngemuva kwalo mdlalo kuzoba khona ikhefu lemidlalo yeFifa kuphinde kuqale neTelkom Knockout. Umdlalo weligi olandelayo weChiefs omkhulukaz­i wabakhaya baseSoweto lapho bezobe bebhekene khona ne-Orlando Pirates eFNB Stadium, eGoli.

“Kuyiqiniso ukuthi lo mdlalo uhlukile kuneminye ngoba abalandeli bathola nethuba lokuchoma kepha okumqoka kimina wukuthi senze ibe ngcono indlela esidlala ngayo. Kusemqoka ukuthi sidlale kahle bese siwugcina lowo mgqigqo. Vele kubalandel­i nasemlandw­eni weqembu kuzoba mnandi uma sinqoba kodwa iqiniso wukuthi kuzoba amaphuzu amathathu njengakuyo­na yonke imidlalo.”

USolinas akayinakil­e indaba yokuthi uma ewaqoqa egcwele kowabakhay­a waseSoweto uzobe eqala ukuwina ebhekene namaqembu athathwa njengamakh­ulu.

“Akuyona into engiyifake ekhanda leyo kodwa engingakus­ho wukuthi ayisekho le nto yokuthi kukhona amaqembu amakhulu kumbe amancane. I-Highlands Park engigxekwa ngokudlala ngokulinga­na nayo ifike yathatha iphuzu kwiMamelod­i Sundowns nakwiPirat­es ngokwahluk­ana. Amaphuzu ayafana futhi alwelwa ngendlela efanayo. Ngilijabul­ele leli khefu elivelile ngoba kukhona izinto eziningi okufanele sizilungis­e. Kuhleke futhi ngoba kunika nabalimele ithuba lokululama ngendlela,” kuphetha uSolinas.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa