UMcCarthy akawuvali umlomo ngoNodada
UKUQOKELWA eqenjini lesizwe iBafana Bafana kukaThabo Nodada, ogijima enkabeni yenkundla kwiCapeTown City kungenxa yokusebenza kwakhe ngokuzikhandla ngendlela engachazeki nobuhlakani anabo.
Lokhu kuvezwe ngumqeqeshi weCity uBenni McCarthy ngesikhathi ephawula ngokubizelwa kukaNodada eqenjini lesizwe.
“Ngike ngasho ngabafana baKwaZulu-Natal ukuthi kukhona le nto abanayo. Ukusebenza ngokuzimisela kwakhe kusezingeni eliphezulu ngendlela engachazeki. Umfana unesiphiwo esiyinqaba. Usebenza ngokukhulu ukuzinikela,” kusho uMcCarthy.
Uthe uma usebenza ngale ndlela yalo mdlali ohlale njalo efuna ukuzithuthukisa, indlela iyodwa oyihambayo ngebheke phezulu.
“Akekho ngisho oyedwa umuntu ongadicilela phansi umdlali ofana nalona. Ungumdlali onobuchule, uyazihlupha ngolwazi nokulekelelwa lapho engaboni khona kahle.
“Kwesinye isikhathi ubuza imibuzo engikhathazayo kodwa angibi nayo inkinga ngokumnikeza izimpendulo ngoba usuke efuna ukuzithuthukisa,” kuchaza uMcCarthy.
Lo mqeqeshi uthe uNodada ungumdlali ozihluphayo ngaso sonke isikhathi ngokulungisa lapho engenzi khona kahle aphinde ngokunjalo nalapho enza kahle khona aqinisekise ngokwenza ngokwedlulele.
“Kwesinye isikhathi kuze kuthi angithi kuyena ngizokuhlawulisa uma ungaphezi ukusebenza njalo ungaphumuli. Ngikholwe uma ngithi ngeke adlale lapha eNingizimu Afrika isikhathi, maduze uzodlala ngaphesheya.
Uma kuthiwa kukhona umdlali engingafunga ngigomele ukuthi uzokwazi ukudlala e-Europe yilo mfana.”
Uthe uyamjabulela ngokubizwa kwakhe kwiBafana.
“Ngicabanga ukuthi umdlali ofana naye noSiphelele Ndlovu abadlali abebeliphakamisile izinga kusukela ngokuphela konyaka odlule, yonke isizini basefomini,” kusho uMcCarthy.
Ngokubizwa kwakhe uNodada uthe: “Ekugcineni selize lafika ithuba engangikade ngililindele. Bengilokhu ngisebenza kanzima sonke lesi sikhathi.”
Ephawula ngendawo entsha adlala kuyona ngale sizini, phambi kwabadlali basemuva ekubeni phambilini ubeba ngemuva kwabagadli, uthe iyona ayidlala kangcono.
“Bekunzima ukudlala ngemuva kwabagadli ngoba ngaso sonke isikhathi bekufanele ngithole ibhola ngifulathele abagadli nobekwenza kube nzima ukutshala amabhola ezikhaleni ngendlela efanele. Kodwa manje ngiwatshala ngendlela engithanda ngayo ngoba bonke engidlala nabo baphambi kwami,” kusonga uNodada.