Ukhala ngokuba buthuntu epalini
UFADLU Davids, oqeqesha iMaritzburg United, ukhala ngokuba buthuntu kwabadlali bakhe uma sebebhekene namapali, athi yikhona okuyisikhubekiso esidinga ukulungiswa ukuze bathole imiphumela emihle.
UDavids, okunguyena mqeqeshi omncane kwiPremier Soccer League (PSL), ukusho lokhu ngemuva komdlalo abathole kuwona iphuzu elilodwa bebhekene neCapeTown City, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesihlanu ebusuku.
Leli qembu laseMphithi okuphele isizini edlule lingundaba mlonyeni, selokhu kuqale isizini ka-2018/19 alikaze lithole amaphuzu amathathu emidlalweni yasekhaya okuyinto equbula imibuzo kubalandeli balo ngokuzimisela kwabanye abadlali.
“Sidlala kahle maphakathi nenkundla. Inkinga iqhamuka uma sesibhekene namapali lapho sekufanele siqedele umsebenzi. Siyiqembu elidlala ibhola, esikholwa ukuthi sigqobhoze udonga lokugcina nokuthi singene ngemuva kwalo ngeminyakazo esheshayo. Asinayo indluzula uma sesingena ebhokisini okuyinto esidinga ukuyilungisa ngokushesha,” kusho uDavids egcizelela ngokuthi wonke umuntu kufanele akuqonde ukuthi yini edingekayo.
Lo mqeqeshi odabuka eKapa uzithethelele ngokufaka kwakhe uKeletso Makgalwa ngesiwombe sesibili, wamkhipha singakapheli.
“Bese kusele imizuzu embalwa ebesifuna ukuthi ngayo uKunene (Mxolisi) azofaka umfutho wokugcina ngasohlangothini lwesokunxele lapho ebese beqala ukulusebenzisa ukugoba amabhola ayingozi abefuna ukusilimaza,” kuchaza uDavids.
Uthe okunye okubenze bafaka babuye bakhipha lo mdlali bebefuna ukuvimba isivinini sikaCraig Martins ekutheni angashosheli phambili njengoba engene wayodlala emuva.
“Nakuba bese kuyisikhathi esincane ebesesisele ebesifuna ukusichitha kodwa futhi bekufanele sivale uMartins angakwazi ukuya phambili ayogoba amabhola ngoba uyingozi,” kulandisa uDavids.
Uphinde waveza ukuthi leli sonto leFifa lapho kungekho midlalo yePSL ngalo bazolisebenzisela ukulungisa amaphutha.
“Yebo, ngalawa masonto amabili sizophumuza abadlali izinsukwana bangacabangi ngebhola. Ngemuva kwalokho siphinde sibuyele emsebenzini. Ubonile ngesiwombe sesibili bebesicindezele ngenxa yabadlali abayisishiyagalombili abebephunyuziwe.”
Uthe emizuzwini ewu-15 yokugcina iCity ibingcono kunabo ekubeni bonke bebedlala ngoLwesibili.
“Thina sibe nobunzima ukwenza izichibiyelo ezimbili kodwa bona ababanga nankinga ngenxa yokuthi bebekade bedlala ngabadlali abayisishiyalombili abebephunyuziwe ngoLwesibili,” kuqhuba uDavids.
Uphethe ngokuthi kufanele basebenze kakhulu ekulungiseni ukuhlasela kwabo beyimbumba ngokunjalo noma sebevimba izitha.