Isolezwe

IWits iyagoloza ukusuka esicongwen­i

- MTHOKOZISI MNCUSENI

IMamelodi Sundowns (0) 1 Bidvest Wits (0) 1 GOLOZILE nokuhlala esicongwen­i iBidvest Wits ebuye ngemuva yacazelana amaphuzu neMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p obuyizolo ntambama, eLucas Moripe Stadium, ePitoli.

Lo mphumela uqinisekis­e indawo yeWits esicongwen­i ngephuzu elilodwa.

EzikaPitso “Jingles” Mosimane azizange ziyiqale kahle isizini. Lokhu kuncike kakhulu ekutheni abadlali abafana noGaston Sirino, Tony Silva noLebohang Maboe abakangeni khaxa egiyeni ukuthi sebengenza kube lula ukukhohlwa uKhama Billiat noPercy Tau abashiye iqembu ekuqaleni kwesizini.

Lokhu kubonakale ngomzuzu wokuqala kade kuyi-freekick ibhola lawela kuTerrence Dvukamanja olingqofel­e epalini kodwa lashaya ipali labuyela ensimini. NoSimon Murray uthole ithuba elithi alifane ngomzuzu ka-30 kwasebenza ukuthi uphapheme unozinti weSundowns, uDenis Onyango.

Yize iSundowns iqale umdlalo ingayazi induku kodwa umphumela wangoLwesi­thathu lapho icazelane khona amaphuzu neBloemfon­tein Celtic kufuze ukuthi awuyihleli kahle. Elangeni ebelishisa bhe, la maqembu abelokhu ethengana kodwa ithuba eliwele kuSilva ngomzuzu ka-40 bekufanele alisebenzi­se.

Lapha ubesethube­ni ebhekene noDaren Keet kodwa wahluleka ukulivalel­a enethini lo mdlali uMosimane ahlale echoma ngaye ukuthi ukhulele kwiLiverpo­ol yaseEnglan­d.

Isiwombe sesibili sikhombise izimpawu zokulandel­a esokuqala ngethuba elitholwe uMurray kodwa waqoma ukushayela ipali engamakiwe uLehlohono­lo Majoro. NoMaboe uthole elakhe kodwa wakha amabhilidi engaxinwe muntu. Ize yavela injabulo uHlompho Kekana enamathise­la ibhola enethini ngomzuzu ka-56 ngemuva komsebenzi THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. omuhle kaSirino.

Ngemuva kwaleli goli iSundowns ibisivuke emaqandeni ihlasela iphindelel­a. Ukungena kukaPhakam­ani Mahlambi endaweni kaSilva ngesinye sezinongo zokuvuka kweDowns. Yize bekunjalo kodwa kubhakuze eka-Onyango inethi uKeagan Ritchie ejikijela inguzunga ye-free kick edaleke ngokuthi kudlaliswe kabi uDvukamanj­a.

Ubuye wacwila futhi uMahlambi kwala noma uMosimane esefaka uThemba Zwane endaweni kaMaboe kodwa umdlalo waqhubeka nokuba duma ngemizuzu yo-70. Obekucaca lapha ukuthi uGavin Hunt ubechazeki­le ngobekwenz­eka enkundleni. Ngaphandle kokukhonon­da kukaMosima­ne ayikho iminyakazo ethusayo eyenzekile.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI weMamelodi Sundowns uToni Silva emakene noSifiso Hlanti weBidvest Wits emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLucas Moripe Stadium, ePitoli, izolo ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI weMamelodi Sundowns uToni Silva emakene noSifiso Hlanti weBidvest Wits emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLucas Moripe Stadium, ePitoli, izolo ntambama
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa