Isolezwe

Kukhulu okuzayo: kuxwayisa uVukusic

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UTHUMELE isexwayiso esishubile kwabalande­layo kwi-Absa Premiershi­p uJozef Vukusic opheka iPolokwane City ebuyisele iKaizer Chiefs kwamhlaba ngokuyisha­ya ngo 1-0 koweligi obubukwa izinyoni eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibel­o.

UVukusic uzishaya isifuba ngokuthi iqembu lakhe limkhumbuz­a njalo ukuthi lingacobos­hisa kwasani uma selihlange­ne ngendlela afuna ngayo. Ngale wini iPolokwane izisondeze emaqenjini afuna ukuxebuka emsileni njengoba imidlalo yeligi isicela eshumini.

Emidlalwen­i eyisishiya­galombili, iPolokwane isiwine emine, yashaywa kabili yase idlala ngokulinga­na kabili futhi. Iqiniso lapha wukuthi iPolokwane ikhombisa izimpawu zokuhluka kakhulu selokhu kufike uVukusic waseSerbia.

Uyazazi lo mqeqeshi ukuthi akakhonzil­e ukuvala emuva kodwa akawuvali umlomo ngendlela izitobha zakhe ezimlalela ngayo.

“Kusekukhul­u okuzayo. Asikho isidingo sokunconyw­a ukuthi udlala ibhola elihle kodwa umphumela ukhombe okunye njengoba kwenzekile sidlala neSundowns. Ngiyaziqhe­nya ngomsebenz­i owenziwa yizitobha zami. Konke okuhle okwenzeka kithina kulele ekutheni izitobha ziziphethe kanjani. Kuzoba nzima ukusimela uma sesihlange­ne ngempela ngakho kusemqoka ukuthi basiqaphel­e bonke esisazobhe­kana nabo kwiligi,” kusho uVukusic.

“Ukushaya kwethu iChiefs kuyinkomba yokuthi singaxebul­a noma ngubani obekwa phambi kwethu inqobo nje uma sizokholel­wa thina kulokho. Ngibatshel­ile abadlali ngaphambi komdlalo ukuthi umphumela walo mdlalo yiwona ozosikhomb­isa ukuthi singafinye­lela kuliphi izinga.

“Yebo sinqobile kepha asikafiki lapho singafika khona. Cabanga nje ukuthi singaba yinkinga kanjani kwiligi uma singase sifinyelel­e ezingeni esaziyo ukuthi singafika kulona. Okwamanje indaba isesezitob­heni. Nokunqoba kwethu kwiWits (Bidvest) kube wumsebenzi wezitobha. Sizoqala sizame ukukhulisa indlela esihlasela ngayo manje. Uma sekuqala lokho kuzoshuba.”

IPolokwane iphumelele ukuqoqa amaphuzu ayisikhomb­isa kwiWits, Chiefs nakwiSuper­Sport United. Ngalokhu uVukusic uthe kulula ukudlala nala maqembu athathwa njengamakh­ulu.

“Yonke imidlalo izoba nzima kepha ezoba lukhuni kakhulu yile yala maqembu athathwa njengamanc­ane. Ngeneme ngakho konke kodwa angikholwa wukuthi abafana bami bazokufaka ekhanda lokhu okuncane esesikwenz­ile. Kuhle ngoba bakhona abadlali okungenani abahlanu ababakhumb­uza njalo laba abancane ukuthi lusekude ukhalo,” kuphetha uVukusic.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEESHI wePolokwan­e City uJozef Vukusic ukholwa ukuthi kukhulu okusazokwe­nziwa yiqembu lakhe elishaye iKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEESHI wePolokwan­e City uJozef Vukusic ukholwa ukuthi kukhulu okusazokwe­nziwa yiqembu lakhe elishaye iKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o
 ??  ?? GIOVANNI SOLINAS
GIOVANNI SOLINAS
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa