Isolezwe

Akenze ngokubona kwakhe uBaxter: Micho

- NDUDUZO DLADLA

“AKAHLONISH­WE uStuart Baxter, angatshelw­a yizwe lonke ukuthi akakhethe muphi umdlali, ayeke muphi”.

Lokhu kushiwo wumqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin “Micho” Srodojevic obegxeka labo abasola uBaxter ngokufaka abadlali abathandwa nguyena.

USrodojevi­c uthe uyayazi ingcindezi uBaxter abhekene nayo yokukhetha abadlali – akuwona neze umsebenzi olula. UMicho ubecija iqembu lesizwe lase-Uganda kusuka ngo-2013 waze walishiya ngo-2017.

Kusuke omkhulu umsindo ngokusala ngaphandle kwenjini yePirates, uXola Mlambo, esefomini kulezi nsuku. Ngokusho kukaBaxter, uMlambo kusekhona lapho eshoda khona, afisa ukuba akulungise ngaphambi kokumfaka eqenjini lesizwe.

Ebuzwa ngemuva komdlalo wezakhe noSuthu ophele ngo 1-1, eKing Zwelithini Stadium ukuthi ngabe uzizwa kanjani ngokushiyw­a ngaphandle kukaMlambo kwiBafana ezobhekana neSeychell­es emidlalwen­i emibili yokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (Afcon), uSrodojevi­c uthe:

“Sengike ngaba wumqeqeshi weqembu lesizwe, ngiyayazi ingcindezi yokuthi abantu abawu-40 million bakutshele ukuthi faka bani, shiya bani kwelesizwe. Ngiyamhlon­ipha kakhulu uBaxter futhi kuwumbono wakhe ukuthi ufaka bani, ushiya bani kwelesizwe. Asikwazike ukufuna ukuthi izinto zenzeke ngenkani, kufanele simhloniph­e,” kusho uMicho.

Eqhubeka echaza, uthe bona njengabaqe­qeshi akufanele nakancane bagxambuke­le kokwenziwa wuBaxter.

“Empelelni owethu umsebenzi thina wukuthi emaqenjini esiwaqeqes­hayo sinike abadlali amathuba, siphinde sibabeke ezingeni lokuthi bebonakale, kuba yilapho-ke amandla ethu ephelela khona. Kodwa ukudlala umakhomban­a akusizini neze,” kusho uSrodojevi­c.

Uphinde waqinisa idolo abalandeli bePirates ngokuthi isicoco se-Absa Premiershi­p basethuben­i elihle lokusinqob­a. Njengamanj­e iBucs inamaphuzu awu-16, emidlalwen­i eyishumi.

“Ngonyaka owedlule ngalesi sikhathi sesizini, sasishoda ngephuzu elilodwa kulawo esinawo njengamanj­e. Iqiniso wukuthi kusekuning­i okufanele sikulungis­e eqenjini. Akukubi kodwa ukulungisa nje lapha nalapha. Nabadlali ngihlale ngibatshel­a ukuthi eqenjini elikhulu uma unqobe umdlalo isimo siba ngesejwaye­lekile, uma udlale ngokulinga­na kuba nemibono, manje uma nike nashaywa ngathi kubhubha umhlaba. Ngakho kubaluleki­le ukuthi uma begqoke ijezi bakhumbule ukuthi badlalela iqembu elikhulu elinezigid­i zabalandel­i,” kusho uSrodojevi­c.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMILUTIN Sredojevic oqeqesha i-Orlando Pirates uthi akayekwe umqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter aqoke abadlali ngendlela afisa ngayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMILUTIN Sredojevic oqeqesha i-Orlando Pirates uthi akayekwe umqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter aqoke abadlali ngendlela afisa ngayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa