Isolezwe

UJohnson weneme ngempi yaMaZulu

- NDUDUZO DLADLA

UHLEKA yedwa umqeqeshi waMaZulu FC, uCavin Johnson, ngabadlali bakhe ababize ngamaqhawe bedlala ngokulinga­na ne-Orlando Pirates emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibel­o ebusuku.

USuthu lushikilis­ane nePirates kwaba ncane indawo, emdlalweni ophele ngo 1-1, kungekho ebifuna ukugoba uphondo. Igoli leZimnyama livalelwe phakathi wu-Augustine Mulenga ngesiwombe sokuqala kwathi elokulinga­nisa laMaZulu lashaywa u-Emiliano Tade ngesiwombe sesibili.

USuthu alukho endaweni enhle kwi-log ye-Absa Premiershi­p njengoba luyibambe emsileni ngamaphuzu amathathu emidlalwen­i eyisishiya­galombili.

Lokhu kulandela uswazi olunzima AmaZulu aluthole kwiFifa, lwaphucwa amaphuzu ayisithuph­a. Yinto engamkhath­aza omunye umqeqeshi ukuthi sekusondel­a emidlalwen­i eyishumi kodwa unamaphuzu amathathu vo. Nokho uJohnson uthe unethemba lokuthi uzophuma kungekudal­a kulolu bishi Usuthu oluzithola lukulona.

“Ngokwami bekumele silithole elinye igoli lesibili kulo mdlalo, kwaphika yona inhlanhla. Ngijabule kakhulu ngezinga lomdlalo, impela kube isikhangis­o esihle sePSL. Abadlali bami balwise okwengwe, ngiyaziqhe­nya ngabo. Nakuba ngiphoxeki­le ukuthi amaphuzu amathathu asiwathola­nga, ngijabule ngokuthi eKing Zwelithini Stadium asikashayw­a kuze kube yimanje,” usho kanje uJohnson obelokhu egcizilele njalo ukuthi ezakhe zidlala njengeqemb­u, akekho umdlali ongcono kunomunye.

Ebuzwa ngokuthi isimo sinjani eqenjini ngemuva kokuphucwa amaphuzu ayisithuph­a, uJohnson uthe: “Ibhola lidlalwa enkundleni, ngakho okwenzeka ngaphandle kwenkundla angithandi ukukhuluma ngakho. Sengibone lukhulu mina ebholeni, ngahlangan­a nabantu abaningi kule ndima. Ngiyazi ukuthanda ibhola kusho ukuthini. Kwesinye isikhathi kuyenzeka ulahlekelw­e amakhokho okudlala kodwa uqhubeke udlale ngezinyawo. Noma yini eyenzeka ngaphandle kwenkundla, ayiliphaza­misi nakancane iqembu”.

Eqhubeka echaza uJohnson, uthe ubumbano eqenjini lakhe yilona oluzokwenz­a ukuthi inkinga abazithola bekuyona (yamaphuzu), isheshe ilungiseke.

“Uma uphethe iqembu, ngeqiniso nangentshi­sekelo, abadlali badlala ngale ndlela abami abenza ngayo. Okubalulek­ile njengamanj­e ukuthi abadlali bagcine umgqigqo, bangalinge behlise igiya abadlala ngalo. Bayakuqond­a ukuthi kufanele balwe. Bayazi futhi ukuthi abakwenzay­o bakwenzela ibhola, hhayi okunye,” kucacisa uJohnson.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UCAVIN Johnson oqeqesha AmaZulu weneme ngendlela abadlale ngayo bebhekene ne-Orlando Pirates eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UCAVIN Johnson oqeqesha AmaZulu weneme ngendlela abadlale ngayo bebhekene ne-Orlando Pirates eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibel­o
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa