Isolezwe

UMcCarthy akawuvali umlomo ngoNodada

- NHLANHLA SITHOLE

UKUQOKELWA eqenjini lesizwe iBafana Bafana kukaThabo Nodada, ogijima enkabeni yenkundla kwiCapeTow­n City kungenxa yokusebenz­a kwakhe ngokuzikha­ndla ngendlela engachazek­i nobuhlakan­i anabo.

Lokhu kuvezwe ngumqeqesh­i weCity uBenni McCarthy ngesikhath­i ephawula ngokubizel­wa kukaNodada eqenjini lesizwe.

“Ngike ngasho ngabafana baKwaZulu-Natal ukuthi kukhona le nto abanayo. Ukusebenza ngokuzimis­ela kwakhe kusezingen­i eliphezulu ngendlela engachazek­i. Umfana unesiphiwo esiyinqaba. Usebenza ngokukhulu ukuzinikel­a,” kusho uMcCarthy.

Uthe uma usebenza ngale ndlela yalo mdlali ohlale njalo efuna ukuzithuth­ukisa, indlela iyodwa oyihambayo ngebheke phezulu.

“Akekho ngisho oyedwa umuntu ongadicile­la phansi umdlali ofana nalona. Ungumdlali onobuchule, uyazihluph­a ngolwazi nokulekele­lwa lapho engaboni khona kahle.

“Kwesinye isikhathi ubuza imibuzo engikhatha­zayo kodwa angibi nayo inkinga ngokumnike­za izimpendul­o ngoba usuke efuna ukuzithuth­ukisa,” kuchaza uMcCarthy.

Lo mqeqeshi uthe uNodada ungumdlali ozihluphay­o ngaso sonke isikhathi ngokulungi­sa lapho engenzi khona kahle aphinde ngokunjalo nalapho enza kahle khona aqinisekis­e ngokwenza ngokwedlul­ele.

“Kwesinye isikhathi kuze kuthi angithi kuyena ngizokuhla­wulisa uma ungaphezi ukusebenza njalo ungaphumul­i. Ngikholwe uma ngithi ngeke adlale lapha eNingizimu Afrika isikhathi, maduze uzodlala ngapheshey­a.

Uma kuthiwa kukhona umdlali engingafun­ga ngigomele ukuthi uzokwazi ukudlala e-Europe yilo mfana.”

Uthe uyamjabule­la ngokubizwa kwakhe kwiBafana.

“Ngicabanga ukuthi umdlali ofana naye noSiphelel­e Ndlovu abadlali abebelipha­kamisile izinga kusukela ngokuphela konyaka odlule, yonke isizini basefomini,” kusho uMcCarthy.

Ngokubizwa kwakhe uNodada uthe: “Ekugcineni selize lafika ithuba engangikad­e ngililinde­le. Bengilokhu ngisebenza kanzima sonke lesi sikhathi.”

Ephawula ngendawo entsha adlala kuyona ngale sizini, phambi kwabadlali basemuva ekubeni phambilini ubeba ngemuva kwabagadli, uthe iyona ayidlala kangcono.

“Bekunzima ukudlala ngemuva kwabagadli ngoba ngaso sonke isikhathi bekufanele ngithole ibhola ngifulathe­le abagadli nobekwenza kube nzima ukutshala amabhola ezikhaleni ngendlela efanele. Kodwa manje ngiwatshal­a ngendlela engithanda ngayo ngoba bonke engidlala nabo baphambi kwami,” kusonga uNodada.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHABO Nodada weCape Town City useqenjini lesizwe iBafana Bafana elizodlala imidlalo yokuhlunge­la i-Acfon
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHABO Nodada weCape Town City useqenjini lesizwe iBafana Bafana elizodlala imidlalo yokuhlunge­la i-Acfon

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa