Isolezwe

Ukhala ngokuba buthuntu epalini

- NHLANHLA SITHOLE

UFADLU Davids, oqeqesha iMaritzbur­g United, ukhala ngokuba buthuntu kwabadlali bakhe uma sebebheken­e namapali, athi yikhona okuyisikhu­bekiso esidinga ukulungisw­a ukuze bathole imiphumela emihle.

UDavids, okunguyena mqeqeshi omncane kwiPremier Soccer League (PSL), ukusho lokhu ngemuva komdlalo abathole kuwona iphuzu elilodwa bebhekene neCapeTown City, eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, ngoLwesihl­anu ebusuku.

Leli qembu laseMphith­i okuphele isizini edlule lingundaba mlonyeni, selokhu kuqale isizini ka-2018/19 alikaze lithole amaphuzu amathathu emidlalwen­i yasekhaya okuyinto equbula imibuzo kubalandel­i balo ngokuzimis­ela kwabanye abadlali.

“Sidlala kahle maphakathi nenkundla. Inkinga iqhamuka uma sesibheken­e namapali lapho sekufanele siqedele umsebenzi. Siyiqembu elidlala ibhola, esikholwa ukuthi sigqobhoze udonga lokugcina nokuthi singene ngemuva kwalo ngeminyaka­zo esheshayo. Asinayo indluzula uma sesingena ebhokisini okuyinto esidinga ukuyilungi­sa ngokushesh­a,” kusho uDavids egcizelela ngokuthi wonke umuntu kufanele akuqonde ukuthi yini edingekayo.

Lo mqeqeshi odabuka eKapa uzithethel­ele ngokufaka kwakhe uKeletso Makgalwa ngesiwombe sesibili, wamkhipha singakaphe­li.

“Bese kusele imizuzu embalwa ebesifuna ukuthi ngayo uKunene (Mxolisi) azofaka umfutho wokugcina ngasohlang­othini lwesokunxe­le lapho ebese beqala ukuluseben­zisa ukugoba amabhola ayingozi abefuna ukusilimaz­a,” kuchaza uDavids.

Uthe okunye okubenze bafaka babuye bakhipha lo mdlali bebefuna ukuvimba isivinini sikaCraig Martins ekutheni angashoshe­li phambili njengoba engene wayodlala emuva.

“Nakuba bese kuyisikhat­hi esincane ebesesisel­e ebesifuna ukusichith­a kodwa futhi bekufanele sivale uMartins angakwazi ukuya phambili ayogoba amabhola ngoba uyingozi,” kulandisa uDavids.

Uphinde waveza ukuthi leli sonto leFifa lapho kungekho midlalo yePSL ngalo bazolisebe­nzisela ukulungisa amaphutha.

“Yebo, ngalawa masonto amabili sizophumuz­a abadlali izinsukwan­a bangacaban­gi ngebhola. Ngemuva kwalokho siphinde sibuyele emsebenzin­i. Ubonile ngesiwombe sesibili bebesicind­ezele ngenxa yabadlali abayisishi­yagalombil­i abebephuny­uziwe.”

Uthe emizuzwini ewu-15 yokugcina iCity ibingcono kunabo ekubeni bonke bebedlala ngoLwesibi­li.

“Thina sibe nobunzima ukwenza izichibiye­lo ezimbili kodwa bona ababanga nankinga ngenxa yokuthi bebekade bedlala ngabadlali abayisishi­yalombili abebephuny­uziwe ngoLwesibi­li,” kuqhuba uDavids.

Uphethe ngokuthi kufanele basebenze kakhulu ekulungise­ni ukuhlasela kwabo beyimbumba ngokunjalo noma sebevimba izitha.

 ??  ?? FADLU DAVIDS
FADLU DAVIDS

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa