Isolezwe

Abantu abagibeli amaqakelo nezinkwa

-

MHLELI: Ngifisa ukudlulisa ukungathok­ozi kwami ngokuthula kukaMengam­eli Cyril Ramaphosa (osesithomb­eni) nohulumeni awuholayo lapho abantu baseNingiz­imu Afrika bebhekene nombheduka­zwe wokunyuka kwentengo kaphethrol­i okwenzekil­e muva nje.

Lokhu kunyuka kungene emabhukwin­i omlando ngoba akukaze kwenzeke ngisho izwe lisacindez­elwe ngamaBhunu.

Mina njengesakh­umuzi esibeke ithemba laso kumengamel­i wezwe nohulumeni awuholayo ngizizwa ngingolahl­iwe nabantu abahluphek­ile.

Uma uhulumeni ekwazile ukungenele­la ngenyanga edlule lapho uphethroli wawunyuka ngo-23c,uhlulwa yini manje ukungenele­la lapho sekunzima kakhulu kubantu njengoba usunyuke ngemali engaphezul­u kukaR1? Ngakube kwakuseyiy­o belu ipolotiki yakulezi zinsuku yokuzama ukucosha amaphuzu ngokuhluph­eka kwabantu?

Kungani uhulumeni ophethe engafuni ukulalela uma kuthiwa ake kususwe okwesikhas­hana le ntela efakwe elitheni elithengwa­yo?

Akusizi ukuthi abantu bathi bekhala ngophethro­li, uhulumeni agijime ayokhipha intela emaqakelwe­ni abesifazan­e nasesinkwe­ni esimhlophe.

Abantu abagibeli amaqakelo nezinkwa uma beya emsebenzin­i kodwa bagibela izimoto ezibizayo ngenxa kaphethrol­i.

Uhulumeni akayimise le ntela ehlukumeza abantu bakithi. Okungenani ime okwesikhas­hana ngoba sonke siyabona ukuthi isimo simanzonzo.

Angikholwa wukuthi uhulumeni obusayo unjengalez­i zinyoni okuthiwa amanqe eziphila ngezidumbu zabantu nezilwane. Uphi uhulumeni onakekelay­o owathenjis­wa abantu? UMbhishobh­i Themba M Chonco EMTUBATUBA

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa