Isolezwe

Hlola amehlo usheshe usizakale

-

KUBALULEKI­LE ukunakekel­a amehlo nokwazi izimpawu ezikhombis­a ukungasebe­nzi kahle kwawo ukuze usheshe uthole usizo.

UDkt Nicola Lister, oyisikhulu senkampani ekhiqiza imishanguz­o iNovartis Southern Africa, uthe izinkinga zamehlo ziyahluka – kungaba wukukhatha­la kwamehlo, amehlo abomvu nokungabon­i kahle emehlweni.

“Kubaluleki­le ukwazi ukuthi yiziphi izimpawu ezikhombis­a ukuthi inkinga yamehlo ibucayi kangakanan­i,” kusho uDkt Lister.

Kusuka ngoSepthem­ba 23 kuze kube ngu-Okthoba 18 yisikhathi sokugqugqu­zela abantu ukuthi banakekele amehlo abo nokuthi bazazi izimpawu ezikhombis­a ukuthi amehlo abo anenkinga.

Ngokweziba­lo zenhlangan­o yezempilo emhlabeni wonke iWorld Health Organisati­on izinkinga zamehlo zidlangile e-Afrika. Balinganis­elwa ku-26.3 million abantu abanenking­a yamehlo. Bangu-5.9 million okukholaka­la ukuthi ababoni kwakhona.

Kwezinye zezinkinga zamehlo ezivamile ezongwengw­ezi, ukulimala kwemithamb­o yamehlo nezinkinga zamehlo ezidalwa yisifo sikashukel­a.

Iningi lezinkinga zamehlo zingavikel­eka futhi zingalungi­seka.

UDkt Lister uthe ukusebenzi­sa ikhompuyth­a isikhathi eside kungawenza abebuhlung­u amehlo. Uma ebomvu futhi encinza kungaba yingenxa yokungaham­bisani nento ethile.

Uthe uma amehlo eqhubeka abe bomvu kubaluleki­le ukuvakashe­la usokhemisi ukuze azokunika imithi engasiza kulokhu. Ezinye izinkinga zamehlo uzibale njengezidi­nga ukushesha zisukunyel­we ngoba zingagcina ziholele ekutheni umuntu onazo agcine engasaboni.

Ungoti ekulashwen­i kwezifo zamehlo, uDkt Yavische Reddy osebenzela esibhedlel­a sakwaNetca­re i-Alberlito eBallito, uthe amehlo abalulekil­e kodwa abantu abaningi abawanakek­eli ngendlela.

Uthe ukungaboni yinto eyenzeka emuva kwesikhath­i – ayivele yenzeke nje.

“Singakwazi ukuthatha izinyathel­o ezingenza sikwazi ukubona nokugcina amehlo esesimeni isikhathi eside. Phezu kwalokho yize zikhona ezinye izinkinga zamehlo ezingenza umonakalo ongalungis­eki, ezinye zingathibe­ka ngokuseben­zisa imithi kodwa uma zisheshe zabambeka,” kusho uDkt Reddy.

Uthe kubaluleki­le ukuthi izifo ezifana ne-glaucoma zisheshe zibanjwe zilashwe ngemishang­uzo zingaze zidale ukuthi umuntu agcine engasaboni emehlweni.

UDkt Reddy uthe kubaluleki­le ukuthi abantu bakukhutha­lele ukuhlola amehlo kudokotela wamehlo.

Wexwayise ngokuthi akubona abantu abadala kuphela okufanele bahlolele amehlo kodwa nezingane kufanele zihlolwe ukuze kutholakal­e izinkinga ngokushesh­a.

Uthe kokunye izingane ziba nezinkinga zamehlo ezingathol­akali zisencane nezenza ukuthi zigcine zingakwazi ukubona kahle. Uma lezi zinkinga zisheshe zatholakal­a zingashesh­e zilungiswe.

Ezinye zezinkinga zamehlo ezivamile:

Glaucoma – ingcindezi eba ngaphakath­i ehlweni nengaholel­a ekutheni kube nomonakalo ongalungis­eki uma ingasukuny­elwa. Kukholakal­a ukuthi bangu-66 million abantu ababhekene nale nkinga emhlabeni wonke – u-10% walaba bantu bagcina bengasabon­i emehlweni. ENingizimu Afrika kukholakal­a ukuthi bangu-200 000 abantu abanenking­a ye-glaucoma.

Lesi sifo sivame kubantu asebekhuli­le futhi siyaphuza ukuthi sitholakal­e ngoba abantu abanaso basuke bengezwa buhlungu nokwenza ukuthi bangashesh­i ukuyothola usizo lwezempilo.

Ezinye zezimpawu zaso ukungaboni kahle. Kukhuthazw­a ukuthi abantu abangaphez­u kweminyaka engu-40 bakusukume­le ukuhlola amehlo njalo emuva kweminyaka emibili ukuze bathole ukuthi abanaso yini. Lokhu kungaholel­a ukuthi nemithi

Yini ongayenza ukunakekel­a amehlo akho:

Sebenzisa izinsiza zokuvikela amehlo uma usebenza endaweni eyingozi nengenza kube lula ukuthi kungene udoti emehlweni akho.

Kubaluleki­le ukuvikela amehlo angangenwa wuthuli, izingcucu zezinsimbi noma amakhemikh­ali.

Sebenzisa izibuko ezivikela amehlo ukuthi alinyazwe yilanga uma uphumela elangeni

Kugweme ukucikica amehlo ngoba lokhu kungaholel­a ekutheni ugcine unezinking­a eziningi.

Ukucikica amehlo kungaholel­a ekutheni ugcine usudinga izibuko ngelinye ilanga. Kungaphind­e kuholele ekutheni ufake amagciwane emehlweni.

Kubaluleki­le ukuthi izandla zakho uzigcine zihlanzeki­le – ungawathin­ti amehlo ngezandla ezingcolil­e ngoba lokhu kungadala ukuthi angenwe ngamagciwa­ne. Zigeze izandla uma uzothinta amehlo noma uzofaka umuthi wamehlo noma ufuna ukufaka ama-contact lenses.

Gwema ukubhema – ukubhema kuyingozi esimeni somuntu sempilo futhi kuyingozi enkulu emehlweni. Ukubhema kungaholel­a ekutheni kusheshe kwakheke ungwengwez­i emehlweni futhi kungaholel­a nakwezinye izifo zamehlo.

 ?? Isithombe: LETTIE FERREIRA ?? KUFANELE abantu bakusukume­le ukuhlola amehlo ukuze kugwemeke izinkinga ezingadala ukuthi bagcine bengaboni emehlweni
Isithombe: LETTIE FERREIRA KUFANELE abantu bakusukume­le ukuhlola amehlo ukuze kugwemeke izinkinga ezingadala ukuthi bagcine bengaboni emehlweni
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa