Hlola amehlo usheshe usizakale
KUBALULEKILE ukunakekela amehlo nokwazi izimpawu ezikhombisa ukungasebenzi kahle kwawo ukuze usheshe uthole usizo.
UDkt Nicola Lister, oyisikhulu senkampani ekhiqiza imishanguzo iNovartis Southern Africa, uthe izinkinga zamehlo ziyahluka – kungaba wukukhathala kwamehlo, amehlo abomvu nokungaboni kahle emehlweni.
“Kubalulekile ukwazi ukuthi yiziphi izimpawu ezikhombisa ukuthi inkinga yamehlo ibucayi kangakanani,” kusho uDkt Lister.
Kusuka ngoSepthemba 23 kuze kube ngu-Okthoba 18 yisikhathi sokugqugquzela abantu ukuthi banakekele amehlo abo nokuthi bazazi izimpawu ezikhombisa ukuthi amehlo abo anenkinga.
Ngokwezibalo zenhlangano yezempilo emhlabeni wonke iWorld Health Organisation izinkinga zamehlo zidlangile e-Afrika. Balinganiselwa ku-26.3 million abantu abanenkinga yamehlo. Bangu-5.9 million okukholakala ukuthi ababoni kwakhona.
Kwezinye zezinkinga zamehlo ezivamile ezongwengwezi, ukulimala kwemithambo yamehlo nezinkinga zamehlo ezidalwa yisifo sikashukela.
Iningi lezinkinga zamehlo zingavikeleka futhi zingalungiseka.
UDkt Lister uthe ukusebenzisa ikhompuytha isikhathi eside kungawenza abebuhlungu amehlo. Uma ebomvu futhi encinza kungaba yingenxa yokungahambisani nento ethile.
Uthe uma amehlo eqhubeka abe bomvu kubalulekile ukuvakashela usokhemisi ukuze azokunika imithi engasiza kulokhu. Ezinye izinkinga zamehlo uzibale njengezidinga ukushesha zisukunyelwe ngoba zingagcina ziholele ekutheni umuntu onazo agcine engasaboni.
Ungoti ekulashweni kwezifo zamehlo, uDkt Yavische Reddy osebenzela esibhedlela sakwaNetcare i-Alberlito eBallito, uthe amehlo abalulekile kodwa abantu abaningi abawanakekeli ngendlela.
Uthe ukungaboni yinto eyenzeka emuva kwesikhathi – ayivele yenzeke nje.
“Singakwazi ukuthatha izinyathelo ezingenza sikwazi ukubona nokugcina amehlo esesimeni isikhathi eside. Phezu kwalokho yize zikhona ezinye izinkinga zamehlo ezingenza umonakalo ongalungiseki, ezinye zingathibeka ngokusebenzisa imithi kodwa uma zisheshe zabambeka,” kusho uDkt Reddy.
Uthe kubalulekile ukuthi izifo ezifana ne-glaucoma zisheshe zibanjwe zilashwe ngemishanguzo zingaze zidale ukuthi umuntu agcine engasaboni emehlweni.
UDkt Reddy uthe kubalulekile ukuthi abantu bakukhuthalele ukuhlola amehlo kudokotela wamehlo.
Wexwayise ngokuthi akubona abantu abadala kuphela okufanele bahlolele amehlo kodwa nezingane kufanele zihlolwe ukuze kutholakale izinkinga ngokushesha.
Uthe kokunye izingane ziba nezinkinga zamehlo ezingatholakali zisencane nezenza ukuthi zigcine zingakwazi ukubona kahle. Uma lezi zinkinga zisheshe zatholakala zingasheshe zilungiswe.
Ezinye zezinkinga zamehlo ezivamile:
Glaucoma – ingcindezi eba ngaphakathi ehlweni nengaholela ekutheni kube nomonakalo ongalungiseki uma ingasukunyelwa. Kukholakala ukuthi bangu-66 million abantu ababhekene nale nkinga emhlabeni wonke – u-10% walaba bantu bagcina bengasaboni emehlweni. ENingizimu Afrika kukholakala ukuthi bangu-200 000 abantu abanenkinga ye-glaucoma.
Lesi sifo sivame kubantu asebekhulile futhi siyaphuza ukuthi sitholakale ngoba abantu abanaso basuke bengezwa buhlungu nokwenza ukuthi bangasheshi ukuyothola usizo lwezempilo.
Ezinye zezimpawu zaso ukungaboni kahle. Kukhuthazwa ukuthi abantu abangaphezu kweminyaka engu-40 bakusukumele ukuhlola amehlo njalo emuva kweminyaka emibili ukuze bathole ukuthi abanaso yini. Lokhu kungaholela ukuthi nemithi
Yini ongayenza ukunakekela amehlo akho:
Sebenzisa izinsiza zokuvikela amehlo uma usebenza endaweni eyingozi nengenza kube lula ukuthi kungene udoti emehlweni akho.
Kubalulekile ukuvikela amehlo angangenwa wuthuli, izingcucu zezinsimbi noma amakhemikhali.
Sebenzisa izibuko ezivikela amehlo ukuthi alinyazwe yilanga uma uphumela elangeni
Kugweme ukucikica amehlo ngoba lokhu kungaholela ekutheni ugcine unezinkinga eziningi.
Ukucikica amehlo kungaholela ekutheni ugcine usudinga izibuko ngelinye ilanga. Kungaphinde kuholele ekutheni ufake amagciwane emehlweni.
Kubalulekile ukuthi izandla zakho uzigcine zihlanzekile – ungawathinti amehlo ngezandla ezingcolile ngoba lokhu kungadala ukuthi angenwe ngamagciwane. Zigeze izandla uma uzothinta amehlo noma uzofaka umuthi wamehlo noma ufuna ukufaka ama-contact lenses.
Gwema ukubhema – ukubhema kuyingozi esimeni somuntu sempilo futhi kuyingozi enkulu emehlweni. Ukubhema kungaholela ekutheni kusheshe kwakheke ungwengwezi emehlweni futhi kungaholela nakwezinye izifo zamehlo.