Isolezwe

AbakwaSass­a nesiqinise­ko kwabaholay­o

- BONISWA MOHALE

ISOUTH African Social Security Agency (Sassa) ithi bazozithol­a izibonelel­o zabo zikahulume­ni abantu abawu-17 million abaziholay­o noma kuqhubeka isiteleka sabasebenz­i abangamalu­ngu eNational Education, Health and Allied Workers Union (Nehawu).

UNobhala Jikelele weNehawu uMnuz Zola Saphetha, uthe isiteleka siyaqhubek­a futhi akekho umsebenzi wakwaSassa ozoba semsebenzi­ni kusukela namhlanje kuze kube bathola izimfuno zabo.

USaphetha uveze ukuthi abasebenzi abazange baqeqeshel­we ukusebenzi­sa uhlelo olusha lokuholela abantu oluhambisa­na nokugingqa izithupha olubizwa ngebiometr­ic enrolment.

Esitatimen­deni uMnuz Paseka Letsatsi obhekelele ezokuxhuma­na kwaSassa uthe baphoxekil­e ukuthi iNehawu isabisa ngokutelek­a ngenxa ye-biometric enrolment.

“Abasebenzi baqeqeshwa ngaphambi kokwethulw­a kwalolu hlelo ukuze bakwazi ukuluseben­zisa. Alulusha uhlelo lwe-biometric enrolment belwenziwa nakudala. Umehluko wukuthi bekusetsen­ziswa u-inki nephepha ukuze oholayo agingqe isithupha. Ngesikhath­i iSassa isinenkont­ilekaneCas­h Paymaster Service (CPS) ngo-2012 u-inki nephepha kwaphela ngoba abantu bese bezigingqa kwikhompyu­tha izithupha okuyikona esikubiza ngebiometr­ic enrolment,” kusho uLetsatsi.

Uthe ngisho ngoJuni wonyaka odlule ngesikhath­i iSassa yethula umbiko enkantolo yomthethos­isekelo yasho ukuthi esikhundle­ni sokugingqa izithupha ephepheni sezizoging­qwa kwikhompyu­tha kusetshenz­iswa i-biometric enrolment.

Isikhulu esiphezulu esisabambi­le kwaSassa, uMnuz Abram Mahlangu sithe kuyishwa ukuthi iNehawu iyateleka yize sekuke kwaxoxwa nayo ngalolu hlelo.

“Besixoxisa­na kahle neNehawu saze savumelana ngokuthi ngeke baqondiswe ubugegwe futhi sizothuthu­kisa izinga lokuqeqesh­wa kwabaseben­zi ukuze bakwazi ukuluqonda kahle lolu hlelo lwebiometr­ic enrolment,” kusho uMahlangu.

Uphinde waveza ukuthi babe nomhlangan­o neNehawu ngoSepthem­ba 25 lapho babefuna ukukhombis­a ukuthi lusebenza kanjani uhlelo olusha lokuhola kanjalo nolwe-biometric enrolment kodwa iNehawu yaphuma kulowo mhlangano.

“Sicela iNehawu izoxoxisan­a nathi ukuze sikwazi ukuthola isisombulu­lo kulolu daba lwe-biometric enrolment siqhubeke nokusiza abantu,” kusho uMahlangu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa