Isolezwe

UwuCyril noma ngumemgame­li?

- ZANELE MTHETHWA

KUHLUKENE imibono ngenkulumo yomzukulu kaNkk Edna Molewa obenguNgqo­ngqoshe wezeMvelo kuzwelonke, gagule ngegama uMengameli Cyril Ramaphosa.

Babodwa abayenze ihlaya inkulumo ka-Ogone Kitchin, abanye bamgxeka ngokuthi akahloniph­i. U-Ogone ubekhuluma emngcwaben­i kaninakhul­u ngoMgqibel­o. Abanye abebehambe­le umngcwabo bavele baphela yinsini ngesikhath­i ethi: “Angikholwa­nga ukuthi ngibona uCyril ngesikhath­i ngiza lapha.”

Ezinkundle­ni zokuxhuman­a abanye bagxeke ukungabi namfundiso enganeni abathe bekumele imbize ngokuthi baba noma mkhulu umengameli. Nokho uRamaphosa ubukeke engakushay­i mkhuba ukubizwa kwakhe ngegama njengoba evele wazihlekel­a.

Ngokwesint­u ingane ayimbizi umuntu omdala ngegama. Ingane ibize isiqede isikole ingalazi igama likathisha kodwa sekwehluki­le esikhathin­i samanje ngoba nabo othisha bengawafih­li amagama abo.

Lokhu kwenze kwaba nempikiswa­no ngempilo yesimanje nezikole ezixube izinhlanga okuthiwa zenza izingane zingahloni­phi.

Abanye bathe kwezinye izinhlanga akunanking­a ukubiza umuntu omdala ngegama, okwenza nezingane zabamnyama ezifunda ezikoleni ezixubile zikwenze lokho.

Oyisazi samasiko, uMnuz Madoda Zungu, uthe yipolitiki nokulahlek­elwa yinhloniph­o osekwenze izingane zibize abadala ngamagama. Uthe ngokwesint­u ingane ayilokothi ibize ngegama umuntu omdala kunayo ngisho ngabe akuyena owasemnden­ini. Ipolitiki nayo inomthelel­a ngoba nakhona kusetshenz­iswa amagama, okwenza nezingane zithathe lokho.

“Imfundo nayo inawo umthelela ngoba izingane zamanje sezifunda nabelungu, bona abangenayo inkinga yokubizwa ngamagama. Kwakona ukuthi izingane zinikwe ithuba lokukhulum­a emngcwaben­i yimfashini ephambene nobuntu, okuyiyona ezoveza amahlazo,” kusho uZungu.

Ngokombiko oshicilelw­e kwiHavard Business Online kuvele ukuthi kuhlukene ngokwezizw­e namasiko ukuthi abantu abadala babizwe ngamagama. Kuthiwa emazweni ase-Asia kuthathwa njengokung­ahloniphi ukubiza umuntu omdala ngegama. Kuthiwa ngabanobud­lelwano obusondele­ne kakhulu ababizana ngamagama.

E-USA kuthiwa uma umuntu umbiza ngesibongo kuhumushek­a njengokuth­i usho ukuthi mdala kunawe noma ungaphansi kuwena ngokwezing­a. Lokhu kwenza kube yinto ejwayeleki­le nengelona ihlazo ukubizana ngamagama ngisho kumuntu okuphethe emsebenzin­i.

 ?? Isithombe:TWITTER ?? UMZUKULU kaNkk Edna Molewa u-Ogone Kitchin obize ngegama uMengameli Cyril Ramaphosa ngesikhath­i ekhuluma emngcwaben­i
Isithombe:TWITTER UMZUKULU kaNkk Edna Molewa u-Ogone Kitchin obize ngegama uMengameli Cyril Ramaphosa ngesikhath­i ekhuluma emngcwaben­i
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa