UwuCyril noma ngumemgameli?
KUHLUKENE imibono ngenkulumo yomzukulu kaNkk Edna Molewa obenguNgqongqoshe wezeMvelo kuzwelonke, gagule ngegama uMengameli Cyril Ramaphosa.
Babodwa abayenze ihlaya inkulumo ka-Ogone Kitchin, abanye bamgxeka ngokuthi akahloniphi. U-Ogone ubekhuluma emngcwabeni kaninakhulu ngoMgqibelo. Abanye abebehambele umngcwabo bavele baphela yinsini ngesikhathi ethi: “Angikholwanga ukuthi ngibona uCyril ngesikhathi ngiza lapha.”
Ezinkundleni zokuxhumana abanye bagxeke ukungabi namfundiso enganeni abathe bekumele imbize ngokuthi baba noma mkhulu umengameli. Nokho uRamaphosa ubukeke engakushayi mkhuba ukubizwa kwakhe ngegama njengoba evele wazihlekela.
Ngokwesintu ingane ayimbizi umuntu omdala ngegama. Ingane ibize isiqede isikole ingalazi igama likathisha kodwa sekwehlukile esikhathini samanje ngoba nabo othisha bengawafihli amagama abo.
Lokhu kwenze kwaba nempikiswano ngempilo yesimanje nezikole ezixube izinhlanga okuthiwa zenza izingane zingahloniphi.
Abanye bathe kwezinye izinhlanga akunankinga ukubiza umuntu omdala ngegama, okwenza nezingane zabamnyama ezifunda ezikoleni ezixubile zikwenze lokho.
Oyisazi samasiko, uMnuz Madoda Zungu, uthe yipolitiki nokulahlekelwa yinhlonipho osekwenze izingane zibize abadala ngamagama. Uthe ngokwesintu ingane ayilokothi ibize ngegama umuntu omdala kunayo ngisho ngabe akuyena owasemndenini. Ipolitiki nayo inomthelela ngoba nakhona kusetshenziswa amagama, okwenza nezingane zithathe lokho.
“Imfundo nayo inawo umthelela ngoba izingane zamanje sezifunda nabelungu, bona abangenayo inkinga yokubizwa ngamagama. Kwakona ukuthi izingane zinikwe ithuba lokukhuluma emngcwabeni yimfashini ephambene nobuntu, okuyiyona ezoveza amahlazo,” kusho uZungu.
Ngokombiko oshicilelwe kwiHavard Business Online kuvele ukuthi kuhlukene ngokwezizwe namasiko ukuthi abantu abadala babizwe ngamagama. Kuthiwa emazweni ase-Asia kuthathwa njengokungahloniphi ukubiza umuntu omdala ngegama. Kuthiwa ngabanobudlelwano obusondelene kakhulu ababizana ngamagama.
E-USA kuthiwa uma umuntu umbiza ngesibongo kuhumusheka njengokuthi usho ukuthi mdala kunawe noma ungaphansi kuwena ngokwezinga. Lokhu kwenza kube yinto ejwayelekile nengelona ihlazo ukubizana ngamagama ngisho kumuntu okuphethe emsebenzini.