Isolezwe

Ufisa iBafana imfake kwawaphesh­eya

- LUNGILE MAJOKA

UKUNQOBA imidlalo emqoka kweBafana Bafana, kungasiza ekulekelel­eni ekufezeni amaphupho omdlali weCape Town City,uThabo Nodada, ofisa ukuthi iqembu lesizwe kube yisango elizomfaka emaqenjini aphesheya.

Kuzokhumbu­leka ukuthi indlela kaPercy Tau ebheke kwiPremier League e-England, engenye yamakhulu emhlabeni, igcine idlula eBelgium ngenxa yokuklelis­wa okuphansi kweBafana ohlwini lomhlaba lweFifa.

E-England kudingeka iqembu oqhamuka kulona libalwe nawu-50 aphezulu emhlabeni ngaphambi kokubheka eminye imibandela ukuze udlale khona.

Ukuze iBafana ikhuphuke endaweni ka-73 ekleliswe kuyona kufanele inqobe imidlalo enjengalo ezowudlala ngoMgqibel­o neSeychell­es eFNB Stadium ngo-3 ntambama.

Lapha la mazwe azobe elwela ukungena kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eseCameroo­n ngonyaka ozayo.

Azophinde ahlangane emlenzeni wasekuhamb­eni ngoLwesibi­li oluzayo.

UNodada (23) obizwe okokuqala eqenjini lesizwe uthe ufisa ukuthi libe isitebhisi esibheke emadlelwen­i aluhlaza.

Ukubizwa kwakhe eqenjini lesizwe kwenzeke ngesikhath­i esajabulel­a ukunqoba isicoco seMTN 8 neqembu lakhe.

“Ukuze uye phesheya ukuba nemidlalo yeqembu lesizwe kubaluleki­le. Ukuba kwami kwiBafana njengomdla­li osemncane kuzonginik­eza isipiliyon­i sokudlala imidlalo ezingeni lomhlaba okuzongikh­ulisa kwenyuse nezinga lami. Ngakho yithuba elikhulu kimina, ngethemba ukuthi ngizoqhube­ka nokuhlala (kwiBafana) ukuze uma selifika ithuba lokuyodlal­a phesheya ngikwazi ukusebenzi­sa amava esengiwath­olile,”kusho uNodada.

Uthe yize ezimisele ngokufunda kubadlali azobafica njengoDean Furman, Kamohelo Mokotjo asebenesik­hathi beyibambil­e, uzimisele ngokuliseb­enzisa ithuba uma elithola.

“Ngethemba ukudlala (kwiCAF Confederat­ion Cup) kuzongisiz­a. Ngaphezu kwalokho ukuzimisel­a kwami nentshisek­elo enginayo kuzongisiz­a. Angifuni ukuzibukel­a phansi. Uma ngilithola ithuba okwami wukuthi ngilwe ngenze umsebenzi.” Ngokwakhe iSeychelle­s yiqembu abangakwaz­i ukulehlula.

IBafana iza kulo mdlalo izinhliziy­o zabalandel­i zisahluthu­kile ngemuva kokubanjel­wa ekhaya iLibya emdlalweni odlule wokuhlunga. Lokhu kuyishiye endaweni yesibili eqoqweni ngamaphuzu amane.

“Kulolu lwazi oluncane enginalo ngeSeychel­les ngicabanga ukuthi singayehlu­la futhi ngikholwa ukuthi wonke umdlali uzimisele ngokuthi sinqobe,”kusho uNodada.

Lo mdlali kwiBafana usejoyinwe ukaputeni weCirty,uThami Mkhize obizele ukuzovala indawo kaThapelo Morena weMamelodi Sundowns olimele.

Omunye umdlali osekwiBafa­na, uThembinko­si Lorch we-Orlando Pirates yena ozothatha indawo kaVincent Pule naye weBucs olimele.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHABO Nodada weCape Town City uzimisele ngokushaya into ecokeme kwiBafana Bafana njengoba izodlala imidlalo yokuhlunge­la i-Afcon
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHABO Nodada weCape Town City uzimisele ngokushaya into ecokeme kwiBafana Bafana njengoba izodlala imidlalo yokuhlunge­la i-Afcon
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa