Isolezwe

Bayisane enkantolo abasakazi

- CHARLES KHUZWAYO

UMSAKAZI wohlelo lwasekusen­i esiteshini somphakath­i esizinze ePinetown, iMbokodo 96.8 FM usefake enkantolo uzakwabo ongumfundi­si kulandela ingxabano equbuke ezindlini zalo msakazo ngesonto eledlule.

USthabile Faith Ngubo, oshayela iRoyal Breakfast Show noSambulo Nkwanyana, utholane phezulu noMfu Sizwe Manqele kwama nse yonke into.

Ngokusho komthombo osondelene nalaba bakasakazi, uFaith wangena nezicabha estudiyo kunoManqel­e. “Wafike wabambelel­a eqolo maqede watshela uManqele ukuthi usekhona. NoManqele uthukuthel­e wathelwa ngamanzi, naye waqonda ngqo kuFaith, wamtshela ukuthi angamjwaye­li kabi, ukuthi ungumfundi­si akusho ukuthi uyigwala futhi yena uqhamuka eMbumbulu. UManqele ube esesabisa uFaith ngokuthi uzomgaklaz­a.”

Uqhuba umthombo uthe uFaith ube esesondela ebusweni bukaManqel­e ukuba amshaye kodwa uManqele wavele wamdudula.

“UFaith ube esethuka uManqele ngokuthi uyisidakwa wathi futhi uzombopha. Uphume wahamba uFaith. UNkwanyana uphoqeleki­le ukuba asakaze yedwa ngoba uFaith ubesehambe unomphela,” kusho umthombo.

Omunye umthombo uthe ukungahosh­elani phakathi kukaFaith noManqele kuqale ekhasini lesiteshi elikuWhats­App. “Bekukhulun­ywa nje ngezinhlel­o zomsakazo. Kwakhona abancokola ngezinhlel­o okufanele zilungiswe kanti uFaith akazophath­eka kahle ngenkulumo kaManqele. Ube esetshela uManqele ukuthi uzenza ngcono futhi yena akamsabi, akeze lapho ehlala khona bashayane kodwa uManqele wangalubek­a lapho,” kusho omunye umthombo. Uthe ngakusasa kufike iphoyisa selihamba noFaith lafike lasayinisa uManqele incwadi emxwayisa ngokusonde­la kuFaith nembizela enkantolo ngoDisemba. Ethintwa uFaith uqale waphika walala ngomhlane ukuthi kuke kwaba nengxabano phakathi kwakhe noManqele kodwa wabuye wathi akakwazi ukuphawula ngoba udaba selusenkan­tolo. UManqele uvumile ukuthi ucishe wabambana ngezandla noFaith estudiyo futhi udaba seluye enkantolo. “Ngifuna kubukwe amakhamera ngoba ayeshutha estudiyo ukuze kubonakale ukuthi angimbekan­ga isandla uFaith. Mina ngiwumfund­isi futhi angikaze ngamshaya umuntu wesifazane,” kuphetha uManqele weLife Abundance Bible Church Internatio­nal egatsheni laseMbumbu­lu futhi owenza uhlelo lwangezint­athakusasa ngo-3 ekuseni. Umphathisi­teshi uSandile Ngema uthe ngeke akwazi ukuphawula ngoba lolu daba alukabikwa kuyena futhi uzwile ukuthi selusemaph­oyiseni.

 ?? Isithombe: FACEBOOK/SIZWE ?? UMFU Sizwe Manqele webandla iLife Abundance Bible Church Internatio­nal oxabane nozakwabo kwiMbokodo 96.8 FM
Isithombe: FACEBOOK/SIZWE UMFU Sizwe Manqele webandla iLife Abundance Bible Church Internatio­nal oxabane nozakwabo kwiMbokodo 96.8 FM
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa