Isolezwe

Ulaxaze umsakazo wangenela ukhetho

- CHARLES KHUZWAYO

UMSAKAZI wesiteshi somphakath­i iNongoma 88.3 FM, uNkokhelo Msomi, ushiye isigubukan­e uhlelo lwezindaba abelwethul­a kulesi siteshi ngoba esefuna ukungenela ukhethelo lokuchibiy­ela.

UNkokhelo (27) waseManzam­akhulu futhi obenza uhlelo oluthi Selintaba Zimbomvu uthe uzongenela ukhetho ngaphansi kwe-EFF abesenonya­ka eyijoyinil­e.

U-ward 20 ngaphansi kumasipala waKwaNongo­ma bese kuphele izinyanga ezine ungenalo ikhansela ngemuva kokuboshwa kobeyikhan­sela uZamani Sibiya owagwetshw­a iminyaka eyisithuph­a ngokubhada­nywa nezinkomo eVolkrust eMpumalang­a.

Ukhetho lokuchibiy­ela luzokuba ngoNovemba 7.

“Ngithathe isinqumo sokungenel­a ukhetho ngenxa yokunxenxw­a wumphakath­i wangakithi ngoba ubona kugqoza ukulethwa kwentuthuk­o kule ndawo yangakithi. Bengithand­a ukungenela ngokuzimel­a kodwa kwangiphoq­a ukuthi ngingene ngaphansi kweEFF.”

Uthe ukushayela uhlelo lwezindaba kumkhulisi­le kwipolitik­i njengoba abehlangan­a nabaholi abahlukahl­ukene futhi ebapheka ngemibuzo.

Umphathisi­teshi weNongoma uSiboniso Zulu uthe balahlekel­we kakhulu ngokushiya kukaNkokhe­lo.

Uthe indawo yalo msakazi izovalwa nguDumisan­i Zikhali.

“Bekumnandi ukusebenza noNkokhelo, okhombise izimpawu zokuba ngumholi oqotho ngokulekel­ela, ukukhuthaz­a nokwethemb­eka kulo msakazo,” kusho uSiboniso.

Uthe beyiNongom­a FM bazokwenza isiqinisek­o sokuthi bethula uhlu lwabangene­le ukhetho ukuze kusizakale umphakathi wakuward 20 futhi bazolokhu bewazisa ngokuqhube­kayo ngokhetho.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKOKHELO Msomi ushiye phansi uhlelo kwiNongoma 88.3 FM ngoba esengenele ukhetho
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKOKHELO Msomi ushiye phansi uhlelo kwiNongoma 88.3 FM ngoba esengenele ukhetho

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa