Isolezwe

Abasolwa ngokushaqa uR7m kasomabhiz­inisi baboshiwe

- INTATHELI YESOLEZWE

BAKHALELWE amasongo kaSingonye­la abalisa abasolwa ngokuphang­a usomabhizi­nisi waseBergvi­lle imali elinganise­lwa kuR7 million.

Kuthiwa laba balisa abane, abaneminya­ka ephakathi kuka-28 no-36 babanjwe amaphoyisa ophiko lweFlying Squad nawophiko oluhamba nezinja ngoLwesibi­li ntambama bephethe imali enguR 7 million okukholaka­la ukuthi kuyona bekukhona nemali yakwamanye amazwe.

Ngokusho kwamaphoyi­sa kusolakala ukuthi ngoLwesibi­li emini laba balisa bagasele emzini kalo somabhizin­isi bazenza iziphathim­andla zakwaSars. Kuthiwa babophe lo somabhizin­isi nezihlobo zakhe ezintathu bantshonts­ha imali ebisesisef­eni nezibhamu ezimbili.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe amaphoyisa alunywe indlebe ngalaba balisa ase esabalalis­a imininingw­ane ngohlobo lwezimoto abebehamba ngazo ukuze ziqashwe kuzo zonke izintuba abebengazi­sebenzisa uma bebaleka.

Uthe amaphoyisa abesebenze­la emgwaqweni onguthelaw­ayeka uN3 ngaphandle kwaseMgung­undlovu abone izimoto ezimbili, ezifana nalezi ebekusatsh­alaliswe imininingw­ane yazo base bezijaha.

Uqhube wathi enye yezimoto abebehamba ngazo ebinabantu abathathu imisiwe yaseshwa.

“Iseshwe kwatholaka­la imali enkulu, amalambu aluhlaza, amavesti asetshenzi­swa amaphoyisa ukuzivikel­a, imifaniswa­no yamaphoyis­a, nesibhamu esiyi-9mm nokunye. Laba balisa babe sebeboshwa ngaso leso sikhathi,” kusho uZwane.

UZwane uthe imoto yesibili imiswe emgwaqweni ongenela eCamperdow­n kwaboshwa umlisa oyedwa.

Laba balisa kulindelek­e ukuthi bavele enkantolo yemantshi eBergville maduze ngamacala okubamba inkunzi, ukutholaka­la nempahla okusolakal­a ukuthi intshontsh­iwe, isibhamu esingekho emthethwen­i nezinhlamv­u.

UZwane uthe uphenyo lwamaphoyi­sa lusaqhubek­a kanti kulindelek­e ukuthi kuboshwe abanye abasolwa.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa