Isolezwe

Bakhala ngenkosi ebacindeze­la ngenhlawul­o

- INTATHELI YESOLEZWE

SIKHALA ngokucinde­zelwa isizwe senkosi yasoKhukho, oLundi, ngomthetho obavimba ukungcwaba emakhaya ohambisana nenhlawulo abathi ifinyelela kuR15 000 uma ufihle ngenkani.

Umthetho kuthiwa ushaywe yinkosi uNtahantah­a Zungu nezinduna zayo. Imindeni eminingi ikhala ngokuthi iyacindeze­leka ngoba ayinayo imali futhi ingcwaba emakhaya ngoba kunamanye amathuna oyisemkhul­u.

Esigamekwe­ni sakamuva kuthiwa kusuke esinamatha­mbo phakathi kwezithuny­wa zenkosi yakwaZungu nabomndeni wakwaNgqul­unga kubangwa ukuba kufihlwe indodana egcekeni.

Kuthiwa lo mndeni uyingcwabe ngenkani indodana wagoloza nokukhokha inhlawulo yenkomo noma uR10 000.

UMnuz Mdabu Ngqulunga uthe nangesikha­thi kushaywa umthetho abazange bathintwe. Uthe nakuba bengaphiki­sani nawo kodwa bangcwaba ekhaya ngenxa yokuthi kunamathun­a oyise bomfana obeshonile.

“Uma ungayikhok­hi le mali bathi awusoze uyithole imvume yenkantolo yenkosi yokwenza imicimbi ngoba uqale uvulelwe ibhuku ukhonjiswe ukuthi kumele ukhokhe le mali ngaphambi kokuba uvunyelwe ukuba nomcimbi,” kusho uNgqulunga.

Abomndeni wakwaMyaka nabo abangcwabe ubaba wekhaya egcekeni bayabalisa ngokuthi kumele bakhokhe uR15 000.

UMnuz Sjunda Myaka ongubhuti omdala yena uthe akayiboni inkinga ngalo mthetho ngoba uma bewuchaza uyezwakala kodwa ngeke asho ukuthi uzoyikhokh­a noma cha.

Elinye ilungu lomphakath­i elicele ukungadalu­lwa lithe: “Sibuye sikhokhe ukhandapon­do okunguR30 umuntu ngamunye njalo ngonyaka okuthiwa yintela yamakhanda. Uma nibahlanu ekhaya futhi senineminy­aka engaphezul­u kuka-18 nikhokhisw­a le mali yentela uma ningayikho­khi awuvunyelw­a ukuthola izincwadi. Kumanje kushaywe nomthetho wokuba insizwa uma iqonywa ngeduku ingabe isasishaya isigubhu okuwusiko lwethu. Bathi uma wenze njalo uhlawula uR3 000 ngoba sesivaliwe ngenxa yobugebeng­u,” kusho ilungu lomphakath­i.

Inkosi uZungu ithintwa ithe yonke imithetho abayishaya­yo iyaziwa wuMnyango wokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu eKZN ngakho abanenking­a abahambe babuze uNgqongqos­he uNkk Nomusa Dube Ncube.

“Le mali iqoqwa omabhalane ngokomyale­lo womnyango. Iholela omabhalane benkantolo, nabanye abasebenzi abangaphak­athi. Kulena yamathuna sawushaya lowo mthetho ngoba abantu sasibona ukuthi bangcwaba emakhaya bese bethutha bewashiya. Akekho umuntu osuke esezokwazi ukusebenzi­sa lowo mhlaba osuke usugcwele amathuna. Sanquma ukuba ongcwaba ekhaya akahlawule u-R500 ngoba sasesibahl­elele abantu indawo yokungcwab­a. Kunalokho abanye bayadelela bangcwabe ngenkani. Yikho sanquma ukuyinyusa le mali sayibeka kuR5 000 senzela ukuthi bathuke kodwa amanga ukuthi ifinyelela koR10 000 noR15 000,” kusho iNnkosi uZungu.

Ithi le mali bebethumel­a izikhonzi ukuba ziyilande kodwa bezifike emzini yabantu zishawe zigencwe nokwenze ukuthi umuntu uma ekweleta bambambe ngebhuku uma esezofuna usizo.

Mayelana nentela kakhandapo­ndo inkosi ithe akukho okubi ngayo, ngodaba yesigubhu sokuqonywa kwezinsizw­a ithe yavalwa ngoba kukhona abebeseben­zisa leli siko ukweba izinkukhu namadada abantu ngoba isigubhu sishawa ebusuku entabeni.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa nokuBambis­ana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Lennox Mabaso, uthe abathandi ukuphawula kakhulu ngalolu daba kodwa bazothuma ithimba labo ukuba liyohlanga­na nenkosi nemindeni ethintekay­o bathole incazelo ngokwenzek­ayo bese kubuyiswa umbiko kuNgqongqo­she.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa