Bakhala ngenkosi ebacindezela ngenhlawulo
SIKHALA ngokucindezelwa isizwe senkosi yasoKhukho, oLundi, ngomthetho obavimba ukungcwaba emakhaya ohambisana nenhlawulo abathi ifinyelela kuR15 000 uma ufihle ngenkani.
Umthetho kuthiwa ushaywe yinkosi uNtahantaha Zungu nezinduna zayo. Imindeni eminingi ikhala ngokuthi iyacindezeleka ngoba ayinayo imali futhi ingcwaba emakhaya ngoba kunamanye amathuna oyisemkhulu.
Esigamekweni sakamuva kuthiwa kusuke esinamathambo phakathi kwezithunywa zenkosi yakwaZungu nabomndeni wakwaNgqulunga kubangwa ukuba kufihlwe indodana egcekeni.
Kuthiwa lo mndeni uyingcwabe ngenkani indodana wagoloza nokukhokha inhlawulo yenkomo noma uR10 000.
UMnuz Mdabu Ngqulunga uthe nangesikhathi kushaywa umthetho abazange bathintwe. Uthe nakuba bengaphikisani nawo kodwa bangcwaba ekhaya ngenxa yokuthi kunamathuna oyise bomfana obeshonile.
“Uma ungayikhokhi le mali bathi awusoze uyithole imvume yenkantolo yenkosi yokwenza imicimbi ngoba uqale uvulelwe ibhuku ukhonjiswe ukuthi kumele ukhokhe le mali ngaphambi kokuba uvunyelwe ukuba nomcimbi,” kusho uNgqulunga.
Abomndeni wakwaMyaka nabo abangcwabe ubaba wekhaya egcekeni bayabalisa ngokuthi kumele bakhokhe uR15 000.
UMnuz Sjunda Myaka ongubhuti omdala yena uthe akayiboni inkinga ngalo mthetho ngoba uma bewuchaza uyezwakala kodwa ngeke asho ukuthi uzoyikhokha noma cha.
Elinye ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa lithe: “Sibuye sikhokhe ukhandapondo okunguR30 umuntu ngamunye njalo ngonyaka okuthiwa yintela yamakhanda. Uma nibahlanu ekhaya futhi senineminyaka engaphezulu kuka-18 nikhokhiswa le mali yentela uma ningayikhokhi awuvunyelwa ukuthola izincwadi. Kumanje kushaywe nomthetho wokuba insizwa uma iqonywa ngeduku ingabe isasishaya isigubhu okuwusiko lwethu. Bathi uma wenze njalo uhlawula uR3 000 ngoba sesivaliwe ngenxa yobugebengu,” kusho ilungu lomphakathi.
Inkosi uZungu ithintwa ithe yonke imithetho abayishayayo iyaziwa wuMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu eKZN ngakho abanenkinga abahambe babuze uNgqongqoshe uNkk Nomusa Dube Ncube.
“Le mali iqoqwa omabhalane ngokomyalelo womnyango. Iholela omabhalane benkantolo, nabanye abasebenzi abangaphakathi. Kulena yamathuna sawushaya lowo mthetho ngoba abantu sasibona ukuthi bangcwaba emakhaya bese bethutha bewashiya. Akekho umuntu osuke esezokwazi ukusebenzisa lowo mhlaba osuke usugcwele amathuna. Sanquma ukuba ongcwaba ekhaya akahlawule u-R500 ngoba sasesibahlelele abantu indawo yokungcwaba. Kunalokho abanye bayadelela bangcwabe ngenkani. Yikho sanquma ukuyinyusa le mali sayibeka kuR5 000 senzela ukuthi bathuke kodwa amanga ukuthi ifinyelela koR10 000 noR15 000,” kusho iNnkosi uZungu.
Ithi le mali bebethumela izikhonzi ukuba ziyilande kodwa bezifike emzini yabantu zishawe zigencwe nokwenze ukuthi umuntu uma ekweleta bambambe ngebhuku uma esezofuna usizo.
Mayelana nentela kakhandapondo inkosi ithe akukho okubi ngayo, ngodaba yesigubhu sokuqonywa kwezinsizwa ithe yavalwa ngoba kukhona abebesebenzisa leli siko ukweba izinkukhu namadada abantu ngoba isigubhu sishawa ebusuku entabeni.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Lennox Mabaso, uthe abathandi ukuphawula kakhulu ngalolu daba kodwa bazothuma ithimba labo ukuba liyohlangana nenkosi nemindeni ethintekayo bathole incazelo ngokwenzekayo bese kubuyiswa umbiko kuNgqongqoshe.