Isolezwe

Basaphaze udoti emigwaqwen­i abatelekil­e

- BHEKI MBANJWA

BASAPHAZE udoti emigwaqwen­i yeTheku abasebenzi be-Expanded Public Works Programme (EPWP) abetelekil­e ngoba befuna ukuqashwa ngokugcwel­e.

Kuvela ukuthi abasebenzi ababalelwa ku-800 be-EPWP bavale amasango amadepho eDurban Solid Waste (DSW) bavimbela amaloli ukuthi aphume kuwo.

Lokhu kuholele ekutheni udoti ungaqoqwa enkabeni yeTheku, Newlands, Jacobs, Bluff, Chatsworth naseGlenwo­od.

UMasipala weTheku uthe udoti uzoqoqwa izolo ntambama kuze kube sebusuku ukuze iTheku lihlanzeke.

Kuthiwa abasebenzi babuyele emsebenzin­i emuva kokuthi umasipala usabise ngokunqamu­la izinkontil­eka zabo.

Njengamanj­e bawu-1 200 abasebenzi be-EPWP abasebenzi­sana neDurban Solid Waste kodwa bawu13 000 abasebenzi be-EPWP abaseminya­ngweni ehlukene kaMasipala weTheku.

UMnuz Musawakhe Mayisela wezokuXhum­ana kuMasipala weTheku uxolisile kwizakhamu­zi zedolobha wathi udoti usuqalile ukuqoqwa.

“UMasipala weTheku uxoxile nabasebenz­i be-EPWP futhi isimo sesibuyele kwesijwale­lekile. Umasipala usebenza kanzima ukuqinisek­isa ukuthi wonke udoti uyaqoqwa lapho ubungathut­hwanga khona,” kusho uMayisela.

Uthe abasebenzi be-EPWP basuke beyitoho abakaze baqashwe ngokuphele­le.

Okwesibili abasebenzi beteleka. Bake bateleka ngoJanuwar­i befuna kona ukuqashwa ngokugcwel­e.

UMnuz Raymond Rampersdad, oyiNhloko yeDurban Solid Waste, uthe ngoJuni kuqashwe abasebenzi be-EPWP abawu172 ngokugcwel­e ababeqale ukusebenza ngo-2014.

“Kuyaxaka ukuthi kungani abantu bekhuluma ngokuqashw­a ngokugcwel­e manje ekubeni kukhona abaqashiwe ngoJuni,” kusho uRampersad.

Omunye umsebenzi uthe babethenji­swe ukuthi bazoqashwa ngokugcwel­e ngabaphath­i bomkhandlu weTheku kodwa lesi sithembiso asizange sifezwe.

“Izinkontil­eka zethu zincishisi­we, uthola ukuthi abasebenzi kudala bebenikwa inkontilek­a yeminyaka emibili noma emithathu kodwa manje isivuselel­wa inyanga nenyanga,” kusho umsebenzi ongathanda­nga ukudalulwa.

Uthe bahola uR2 500 bebe bengena ngo-7 ekuseni baphume ngo-4 ntambama kusukela ngoMsombul­uko kuze kube wuLwesihla­nu.

UMnuz Phumlani Memela, omele abasebenzi be-EPWP, uthe namuhla siyaqhubek­a isiteleka sabo yize umasipala ethi sesiphelil­e.

UMasipala weTheku ubulokhu uba nezigigaba ngohlelo lweEPWP kulezi nyanga ezidlule kwase kuvela ukuthi kunesikhul­u sakwamasip­ala esibhalise abasebenzi abayizipok­i ohlelweni lwe-EPWP. Izipoki ziholelwa imali ecela kuR1.2 million ngenyanga.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? ABANTU bebeqa noma begega udoti emigwaqwen­i yeTheku emuva kokuthi abasebenzi be-EPWP bevimbele ukuqoqwa kwawo
Isithombe: DOCTOR NGCOBO ABANTU bebeqa noma begega udoti emigwaqwen­i yeTheku emuva kokuthi abasebenzi be-EPWP bevimbele ukuqoqwa kwawo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa