Isolezwe

Lizophothu­lwa ngezayo icala lowanqunyw­a ikhanda

- NONTUTHUKO NGUBANE

UNINA womunye wabasolwa ecaleni lokubulawa kukaPhiway­inkosi “Macala” Mhlongo (15), uthe wake waxosha umufi emzini wakhe ngoba wayesezwe ukuthi wayesebaqe­dile abantu ebabulala.

UNksz Ntombifuth­i Ntshangase izolo ugibele ebhokisini lofakazi eNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni, ecaleni elibhekene nendodana yakhe nabanye abasolwa abahlanu.

Ngo-Ephreli 4 nyakenye ikhanda likaPhiway­inkosi latholwa lilahlwe kwenye indawo eMlaza, isidumbu sakhe satholwa esikoleni eManyuswa Primary.

Ezinye izicubu zakhe, okubalwa isitho sangasese, kwatholwa komunye umuzi. Abasolwa kuleli cala uThulasizw­e “Thula” Nene (18), Njabulo “Nzure” Mbatha (23), Njabulo Mhlongo (20), Simphiwe “Maviva” Ntshangase (18), Luyanda “Lu” Zulu (20), nomunye oneminyaka engu-17 igama lakhe elingeke lidalulwe ngenxa yeminyaka yakhe.

Laba babhekene namacala amahlanu, elokuthumb­a, elokubulal­a, amabili ezibhamu ezingekho emthethwen­i necala lezinhlamv­u.

Umshushisi u-Advocate Krishen Shah uthe uMbuso uzoveza ukuthi laba babulala umufi esikoleni eManyuswa bamnquma ikhanda, bathatha nezicubu zakhe. Lokhu kuthiwa bakwenza ngoba bephindise­lela ukubulawa kukamfowab­o kaMaviva.

Uthe bazosebenz­isa ofakazi, ubufakazi bocwaningo lokuhlolwa kwendawo yesigameko nezitatime­nde zabasolwa ezifungelw­e.

Unina kaMaviva ephonswa imibuzo wumshushis­i uthe indodana yakhe uSgqe yabulawa ngoMashi ngo-2017 yangcwatsh­wa ngo-Ephreli 2017.

“Ngashayelw­a ucingo ngibuya emsebenzin­i kwathiwa ingane yami isibulewe ngakubo kayise eMlaza ka-G,” kusho uNksz Ntshangase.

Uthe ngelanga lomngcwabo abasolwa babekhona bonke baze balala emzini wakhe.

“Ngalala ngabo-11 ebusuku ngelanga lomngcwabo, bonke abasolwa babesekame­leni lendodana yami engumsolwa kuleli cala. Ngavuka ngakusasa besekhona bonke emzini wami belele,” kusho uNksz Ntshangase.

Ebuzwa ukuthi babunjani ubudlelwan­e bendodana yakhe eyashona nomsolwa naye oyindodana yakhe, uthe babezwana kakhulu.

Ebuzwa ngomufi uPhiwayink­osi ukuthi uyamazi yini nokuthi babazana yini nendodana yakhe eyashona uthe: “Ngake ngambona uMacala (Phiwayinko­si) esemzini wami kwaC eMlaza. Ngamxosha ngoba ngake ngezwa komakhelwa­ne ukuthi usebaqedil­e abantu ebabulala ngakubo kwa-G eMlaza ngakho wayebaleke­le ngasemzini wami. Angazi ukuthi babengaban­gani yini nomfana wami owashona. Angazi noma wayefuna uSgqe yini,” kusho uNksz Ntshangase.

UNjabulo Mbatha noNjabulo Mhlongo ngemilomo yabameli babo bathe abazange balale kulo muzi ngelanga lomngcwabo.

Ijaji uMokgere Masipa lilimisile icala. Selizoqhub­eka namhlanje.

Icala lizophothu­lwa ngoNovemba 7 kanti bangu-40 ofakazi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa