Lizophothulwa ngezayo icala lowanqunywa ikhanda
UNINA womunye wabasolwa ecaleni lokubulawa kukaPhiwayinkosi “Macala” Mhlongo (15), uthe wake waxosha umufi emzini wakhe ngoba wayesezwe ukuthi wayesebaqedile abantu ebabulala.
UNksz Ntombifuthi Ntshangase izolo ugibele ebhokisini lofakazi eNkantolo eNkulu yaseThekwini, ecaleni elibhekene nendodana yakhe nabanye abasolwa abahlanu.
Ngo-Ephreli 4 nyakenye ikhanda likaPhiwayinkosi latholwa lilahlwe kwenye indawo eMlaza, isidumbu sakhe satholwa esikoleni eManyuswa Primary.
Ezinye izicubu zakhe, okubalwa isitho sangasese, kwatholwa komunye umuzi. Abasolwa kuleli cala uThulasizwe “Thula” Nene (18), Njabulo “Nzure” Mbatha (23), Njabulo Mhlongo (20), Simphiwe “Maviva” Ntshangase (18), Luyanda “Lu” Zulu (20), nomunye oneminyaka engu-17 igama lakhe elingeke lidalulwe ngenxa yeminyaka yakhe.
Laba babhekene namacala amahlanu, elokuthumba, elokubulala, amabili ezibhamu ezingekho emthethweni necala lezinhlamvu.
Umshushisi u-Advocate Krishen Shah uthe uMbuso uzoveza ukuthi laba babulala umufi esikoleni eManyuswa bamnquma ikhanda, bathatha nezicubu zakhe. Lokhu kuthiwa bakwenza ngoba bephindiselela ukubulawa kukamfowabo kaMaviva.
Uthe bazosebenzisa ofakazi, ubufakazi bocwaningo lokuhlolwa kwendawo yesigameko nezitatimende zabasolwa ezifungelwe.
Unina kaMaviva ephonswa imibuzo wumshushisi uthe indodana yakhe uSgqe yabulawa ngoMashi ngo-2017 yangcwatshwa ngo-Ephreli 2017.
“Ngashayelwa ucingo ngibuya emsebenzini kwathiwa ingane yami isibulewe ngakubo kayise eMlaza ka-G,” kusho uNksz Ntshangase.
Uthe ngelanga lomngcwabo abasolwa babekhona bonke baze balala emzini wakhe.
“Ngalala ngabo-11 ebusuku ngelanga lomngcwabo, bonke abasolwa babesekameleni lendodana yami engumsolwa kuleli cala. Ngavuka ngakusasa besekhona bonke emzini wami belele,” kusho uNksz Ntshangase.
Ebuzwa ukuthi babunjani ubudlelwane bendodana yakhe eyashona nomsolwa naye oyindodana yakhe, uthe babezwana kakhulu.
Ebuzwa ngomufi uPhiwayinkosi ukuthi uyamazi yini nokuthi babazana yini nendodana yakhe eyashona uthe: “Ngake ngambona uMacala (Phiwayinkosi) esemzini wami kwaC eMlaza. Ngamxosha ngoba ngake ngezwa komakhelwane ukuthi usebaqedile abantu ebabulala ngakubo kwa-G eMlaza ngakho wayebalekele ngasemzini wami. Angazi ukuthi babengabangani yini nomfana wami owashona. Angazi noma wayefuna uSgqe yini,” kusho uNksz Ntshangase.
UNjabulo Mbatha noNjabulo Mhlongo ngemilomo yabameli babo bathe abazange balale kulo muzi ngelanga lomngcwabo.
Ijaji uMokgere Masipa lilimisile icala. Selizoqhubeka namhlanje.
Icala lizophothulwa ngoNovemba 7 kanti bangu-40 ofakazi.