Selunuka eduze ukhetho lwabe-IFP
KUPHELILE ukuqagela ngengqungquthela yokukhetha ubuholi obusha bukazwelonke kwi-IFP ngemuva kokuphuma kwezinsuku ezoba ngazo.
Ingqungquthela ye-IFP lapho umengameli waleli qembu, inkosi Mangosuthu Buthelezi, kulindeleke ukuthi azibeke khona phansi izintambo izoba ngoOkthoba 26 kuya ku-28, emahhovisi eqembu oNdini.
Umholi okulindeleke ukuthi avale isikhala sikaButhelezi nguMnuz Velenkosini Hlabisa ophakanyiswe ngo-elethu kulesi sikhundla. Imithombo yeSolezwe engaphakathi kuleli qembu, ikuqinisekisile ukuthi izinsuku zengqungquthela seziphumile.
Isisabalele incwadi emema amalungu ukuthi abe yingxenye yale ngqungquthela
Ilungu leqembu elikhulume neSolezwe, lacela ukungavezwa, lithe ohlwini olusabalele kwenye yezinkundla zokuxhumana uHlabisa nguyena kuphela ophakanyiswe kulesi sikhundla sokuhola iqembu. Kwezinye izikhundla umthombo uthe kuphakanyiswe amagama abaholi abahlukene.
“UMntwana waKwaPhindangene uzozibeka phansi ngokusemthethweni engqungqutheleni ngeke esaqhubeka nokuhola iqembu. Uma ubheka imigubho yokuzalwa kuyacaca ukuthi usezibeka phansi izintambo njengoba kade vele ayesho ukuthi uzibeka phansi kodwa wanxuswa umhlahlandlela ukuthi aqhubeke,” kusho leli lungu leqembu.
Omunye umthombo uthe ohlwini lwabantu abaphakanyisiwe kwesephini likanobhala, kuvela amagama abaholi ababili ezinhlangothini, elenkosi Mzamo Buthelezi noMnuz Blessed Gwala.
Kwesikasihlalo kazwelonke kuphakanyiswe igama likaMfundisi Thulasizwe Buthelezi, iMeya yaseZululand noNkk Thembeni MadlophaMthethwa, oyilungu lesiShayamthetho esifundazweni.
“Kwesikanobhala kuphakanyiswe uMnuz Albert Mncwango obanga noMnuz Cedrick Xulu. Esikamgcinimafa asivotelwa kulindeleke ukuthi kubuyele uMnuz Narend Singh,” kusho umthombo.
Umthombo uthe kwesephini likanobhala kuphakanyiswe uSolwazi Themba Msimang wathi kunelinye igama elivelayo likaMnuz Mtomuhle Khawula oyilungu lomkhandlu wezifundazwe ePhalamende kodwa okungacaci ukuthi kusiphi isikhundla.
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, umane wahleka ebuzwa ebuzwa ngomyalezo wokumema amalungu eqembu engqungqutheleni. Uthe bazokwenza isimemezelo esifanele ngesikhathi esifanele.
“Ngingakusho ukuthi sithumele izinhlaka izinsuku zokuthi zizilungiselele ukuthi kube nengqungquthela. Okubonile wumqulu wangaphakathi olungiselela ingqungquthela. Seziphumile izinsuku zengqungquthela kodwa sizomemezela ngesikhathi esifanele,” kusho uHlengwa.
Ingqungquthela ye-IFP yagcina ukuhlala ngo-2012 kanti le ezoba sekupheleni kwenyanga ibisihlehle izikhawu eziningi.