Isolezwe

Bazophenyw­a ababehlomu­la kwiVBS

- BONISWA MOHALE

IBHANGE loMbuso iSouth African Reserve Bank (SARB) lithi bazophenyw­a ababenikwa imali yiVBS Mutual Bank emuva kokuthi u-Advocate Terry Motau eyinike umbiko othole ukuthi kwadliwa uR1.8 billion kuleli bhange.

Esitatimen­deni iSARB ithe iPhini loMphathi wayo uMnuz Kuben Naidoo wajuba uMotau ukuthi aphenye ukuze athole ukuthi ngabe iVBS yayiboleki­sa imali ngaphandle kokulandel­a umthetho, ngabe yayihlosil­e yini ukudla imali yamakhasim­ende ayo nokuthi ngabe abaphathi bayo abasebenzi nezinye izinhlaka ezithintek­ayo ukwenza okuphamben­e nomthetho?

Kulo mbiko uMotau uthe uthathe izinyanga ezinhlanu ukuphenya amahlazo ayenzeka eVBS Mutual Bank wathola ukuthi kunabantu abadle imali ecishe ifike kuR2 billion futhi ufuna baboshwe.

UMotau uveze ukuthi iVBS yayivele ikhokhele abantu imali “ukubabonga” ngoba akucaci ukuthi imali ababeyinik­wa babezoyenz­ani.

Nalu uhlu lwabantu uMotau akholwa wukuthi babezitamu­zela imali eVBS:

Uveze ukuthi iVele okuyinkamp­ani eyayinamas­heya amaningi eVBS yathola uR936 669 111

USihlalo weVele uMnuz Tshifhiwa Matodzi, wathola uR325 896 831

IFree State Developmen­t Corporatio­n, yakhokhelw­a uR104 130 932

Usomabhizi­nisi waseLimpop­o ohlale ebonakala nosopoliti­ki uMnuz Kabelo Matsepe, wahlomula ngoR35 400 105

UMnuz Sipho Malaba owayeyisik­hulu senkampani ecwaninga amabhuku iKPMG wahlomula uR33 978 379

UNkk Phophi Mukhodobwa­ne wathola R30 572 296

UMnuz Paul Makhavu ongumelule­ki wezomtheth­o weSilo samaVenda uToni Mphephu wathola uR30 461 788

UMnuz Robert Madzonga wathola uR30 372 282

UMnuz Andile Ramavhunga wathola uR28 925 934

UMnuz Solly Maposa wathola uR24 441 877

UMnuz Ralliom Razwinane wathola uR24 224 198

IFirmanox yahlomula ngoR17 748 384

Isilo samaVenda uToni Mphephu wathola uR17 729 758

UMnuz Ndivhuwo Khangale wahlomula uR16 830 091

UMnuz Sechaba Serote wathola uR16 653 458

UMnuz Ernest Nesane wathola uR16 646 086

UMnuz Brian Shivambu wathola uR16 148 569 IFoxburgh yathola uR15 104 100 UMnuz Paul Magula wathola uR14 818 098

UMnuz Charl Cilliers wathola uR12 683 947

ITiisang Private Capital yathola uR12 489 230

UMnuz Maanda Manyatshe wathola uR11 279 242

UNksz Sasa Nemabubuni wathola uR9 169 288 ISabicorp yathola uR8 453 585 UMnuz Avashoni Ramikosi wathola uR5 972 288

UMnuz Takalani Mmbi wathola uR4 404 178

UMnuz Phillip Tshililo wathola uR2 039 990.

I-SARB ithe idlulisele wonke umbiko ezinhlaken­i zomthetho futhi ngeke ikwazi ukudedela izinkulumo eziqoshiwe nabantu ababuzwe ngenkohlak­alo yaseVBS ngoba lokhu kuzophazam­isa uphenyo lwamaphoyi­sa.

Ithe umbiko awusho ukuthi abantu banamacala kodwa uzonikeza izinhlaka zomthetho ithuba lokuthi ziphenye ukuze uma kukhona okufanele abekwe icala kwenziwe njalo.

UKhomishan­a weSouth African Revenue Service (SARS) osabambile uMnuz Mark Kingon unikeziwe ikhophi yombiko ukuze naye athathe izinyathel­o ezifanele.

UMnuz Kevin Mileham okhulumela iDA kwezezimal­i uthe lo mbiko yisiviviny­o sokuqala sikaNgqong­qoshe omusha weziMali uMnuz Tito Mboweni okufanele athathe izinyathel­o ngawo futhi aqinisekis­e ukuthi bayaboshwa abathintek­a kuwo.

 ?? Isithombe:GCIS ?? ISILO samaVenda uKhosikhul­u Toni Mphephu kuthiwa naye wahlomula emalini yaseVBS Mutual Bank
Isithombe:GCIS ISILO samaVenda uKhosikhul­u Toni Mphephu kuthiwa naye wahlomula emalini yaseVBS Mutual Bank
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa