Isolezwe

Umyalelo ophume kuhlangene ese-ANC

- MHLENGI SHANGASE

KUHLELWE ukuthi zibe ngemuva kokhetho izingqungq­uthela ze-ANC ezifundeni ezimbili iLower South Coast neMoses Mabhida ebezingaka­bi khona okungezoku­khetha ubuholi.

Lokhu kuvezwe nguMnuz Mdumiseni Ntuli, uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, othe lo myalelo owesigungu esiphezulu senhlangan­o ebesihlang­ene muva nje.

UNtuli uthe kulezi zifunda kukhethwe ubuholi besikhasha­na njengoba kuyiwa okhethweni ngoba akumele buhlale bungekho ubuholi ezingeni lesifunda.

EMoses Mabhida kuqokwe uThulani Xulu, ongumdidiy­eli wesifunda, umxhumanis­i kwaba nguMnuz Mandla Zondi kwathi owayenguNo­bhala wesifunda uMnuz Mzi Zuma waba yiphini likamdidiy­eli.

ELower South Coast kuqokwe uNksz Siphumlile Mthiyane njengomdid­iyeli, uMnuz Xolani Luthuli waba wumxhumani­si kwathi uMnuz Siyabonga “Kotini” Nene waba yiphini likamxhuma­nisi.

Obengunobh­ala walesi sifunda, uMnuz Mzwandile Mkhwanazi, uqokelwe ukuba yilungu lesigungu esiphezulu sesifundaz­we kubalwa noNkk Maggie Govender kanjalo noMnuz Bheki Sibiya.

UNtuli uthe isifunda iGeneral Gizenga Mpanza, ebesaziwa ngeKwaDuku­za, iphini likanobhal­a yilona elingene kwesikanob­hala ngemuva kokulahlwa yicala lokubulala kobengunob­hala uMusa Zondi. Okhulumela i-ANC, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe nakulesi sifunda ngeke kube nengqungqu­thela yokukhetha ubuholi kuze kudlule ukhetho lwangonyak­a ozayo.

UNtuli uthe esifundeni iHarry Gwala bayahlanga­na nezinhlaka ezingayang­a engqungqut­heleni njengoba kukhona abafake icala enkantolo.

“Siyaxoxa kulesi sifunda, ngoOkthoba 19 kunecala elizongena njengoba kukhona abangeneme ngabantu abakhethwa.”

UNtuli uphawule nangokuvak­ashela kukaMengam­eli we-ANC nezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, emphakathi­ni waKwaMkhwa­nazi eMpangeni esifundeni iMusa Dladla lapho ezobuyisel­a khona umhlaba ongu4000 wama-hectare kulo mphakathi.

Uthe uRamaphosa ungumuntu oyenzayo into asuke eyithembis­ile njengoba esebuyela kulo mphakathi ayewuvakas­hele ekuqaleni konyaka wawuthembi­sa ukuthi uzobuya.

Le nhlangano ithe iyakweseka ukuqokwa kukaMnuz Tito Mboweni njengoNgqo­ngqoshe omusha wezeziMali.

Income umsebenzi omuhle owenziwe ngobenguNg­qongqoshe walo mnyango, uMnuz Nhlanhla Nene, osule kulesi sikhundla kulandela ukugxekwa kwakhe njengoba esolwa ngokuqamba amanga mayelana nokuhlanga­na nomndeni wakwaGupta.

Mayelana nokhetho lwemikhand­lu lwezitshud­eni uNtuli ubongele abadle umhlangani­so wanxusa abawinile wathi mabasebenz­ele izitshuden­i.

Mayelana nombiko weKhomishi­ni ebibheka ukubulawa kosopoliti­ki, uNtuli uthe kuzoba nemihlanga­no ezifundeni lapho amalungu ezochazelw­a khona ngeziphaka­miso zombiko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa