Isexwayiso se-ANC kwabeseka abaholi abasolwa ngawokubulala
ukuthi akuyeke lokhu bayobhekana nawo.
“Sizobhekana namalungu sisebenzisa isigatshana u-25 somthethosikelo wenhlangano. Zikhona ezinye izindlela ezingasetshenziswa ukweseka labo abasuke beboshiwe, njengokuthi kuvakashelwe amakhaya abo kusizwe izingane kanjalo nomndeni. Noma kungayiwa ejele bayokwesekwa ngokuthi bavakashelwe,” kusho uNtuli.
Usho lokhu nje namhlanje kuvela abasolwa abayisishiyagalombili abasolwa ecaleni lokufa kwesishoshovu sale nhlangano uMnuz Musawenkosi “Maqatha” Mchunu waKwaPata eMgungundlovu owabulawa engena kwakhe.
Ngesikhathi begcina ukuvela enkantolo yaseMgungundlovu kunamalungu ayeseka abasolwa enkantolo.
UNtuli ebuzwa mayelana nokwesekwa kowayengumengameli we-ANC nezwe uMnuz Jacob Zuma nangamalungu esigungu sesifundazwe uma evela enkantolo ngecala lenkohlakalo, uthe ubuholi obuphezulu nobesifundazwe buzoyibhunga le ndaba ngoba ihlale ibahlupha.
Uthe bazothola ithuba maduzane ukuthi bayixoxe ngoba udaba lukaZuma ludala wathi nakuba libucayi ngoba lithinta inkohlakalo kodwa alifani nelokubulala.
“Sizothola umkhombandlela kulolu daba lukaZuma ngoba sisesimeni esinzima ngalo. Ubuholi obuphezulu buzokwazi ukuhlahla indlela eya phambili ngalolu daba nokwesekwa kukaZuma.”
UNtuli uthe maduze bazoqoka ozobhekela indaba yezikhalo ezithinta ubulungu enhlanganweni.
Kuzokhumbuleka ukuthi iyinkinga eyobulungu kule nhlangano njengoba amanye amagatsha namalungu aze amashela ehhovisi lesifundazwe phambilini eyokhala ngokuncishwa ubulungu.
Ubalule nokuthi sebehlangane kabili nababengenele ukhetho ngokuzimela ngo2016 ukuze bababuyisele ekhaya.
“Okuhle ngukuthi abazange bajoyine amanye amaqembu yingakho sifuna ukubabuyisa ekhaya sakhe inhlangano.”
Unxuse amalungu ukuthi aluphathe ngobunono udaba lokukhethwa kwabantu abazojutshelwa esiShayamthetho sikazwelonke nesasesifundazweni ngemuva kokhetho.
“Lolu hlelo alubi nezinxushunxushu ngoba igatsha likhetha amagama abantu abazojutshelwa kulezi zindlu. Kuphakanyiswa amagama angu-80 kulona lonke uhlelo ngakho angiboni kungaba nombango emagatsheni ngabantu abazophakanyiswa.”