Isolezwe

Kubhekwe ozothatha esokuhola i-ANC Youth League

- MLUNGISI GUMEDE

I-ANCYL ithungatha umholi omusha ozoyivusel­ela njengoba ingqungqut­hela yokukhetha ubuholi bukazwelon­ke isisemome.

Ingqungqut­hela yophiko lwentsha kaKhongolo­se, izoba seNasrec eGoli ngesonto elizayo kusuka ngo-Okthoba 18, kuya kumhlaka 21.

I-ANCYL yamanje ihlale igxekwa kuthiwa ayisenasha­tini uma iqhathanis­wa nendala ngesikhath­i sikamufi uMnuz Peter Mokaba nebiholwa uMnuz Julius Malema.

Ngesikhath­i uqala umkhankaso, bathathu abaholi balolu phiko abebephaka­nyiselwa esikhundle­ni sikaMengam­eli okungoMnuz Reggie Nkabinde waseMzumbe, Mnuz Thanduxolo Sabelo waseMbumbu­lu noMnuz Ndumiso Mokako waseMpumal­anga.

Kuthe ngokuhamba kwesikhath­i uMokako wabe esephakany­iswa esikhundle­ni sikaNobhal­a-jikelele ohlangothi­ni lukaSabelo.

Muva nje, sekuvela negama likaMnuz Mcebo Dlamini oke waba nguMengame­li womkhandlu wabafundi eWits.

Miningi imibono evelile ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngemuva kokuvela kwegama likaDlamin­i, abanye bathi babona ukuthi nguyena ongakwazi ukutakula i-ANCYL okuthiwa ayisenados­i.

USabelo onguNobhal­a we-ANCYL KwaZulu-Natal naye uke wabhala ekhasini lakhe leFacebook lapho ethe khona uDlamini ngomunye wabantu abangasiza kakhulu emkhankasw­eni wokuvusele­la i-ANCYL.

Umhlaziyi wezepoliti­ki ozimele KwaZuluNat­al uMnuz Thabani Khumalo uthe ubona uDlamini engcono kakhulu uma eqhathanis­wa noSabelo noNkabinde.

“UNkabinde noSabelo amagama abo abevele ekhona kusuka umkhankaso uqala kodwa umkhankaso wabo awuvuthwa kunalokho uyalotha,” kusho uKhumalo.

Uthe into eshaya uNkabinde noSabelo ukuthi kunefu phezu kwamakhand­a abo.

“Alilihle igama likaNkabin­de njengoba enukeka kwinkohlak­alo kade ekwiMabala Noise, enye into emshayayo ukuzwana kwakhe nobenguNgq­ongqoshe wezaManzi uNksz Nomvula Monkonyane kanti noSabelo unezinking­a zakhe njengoba igama lakhe livela etulweni lokuketula uMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa,” kusho uKhumalo.

Uthe igama likaDlamin­i lihle, usizwe kakhulu nawukuhola umkhankaso we-Fees Must Fall.

UDlamini kuthiwa ungowokuza­lwa eSwatini kodwa uyilungu le-ANCYL. Umthethosi­sekelo we-ANCYL u-Article G, sub section 1, uthi ukuze ube yilungu le-ANCYL kumele ube ngowalapha eNingizimu Afrika futhi ube neminyaka esuka ku-18, kuya ku-35.

Ecacisa ngodaba lwakhe uDlamini ubhale ekhasini lakhe leFacebook wavuma ukuthi wazalelwa eSwatini ngunina waseVryhei­d, KwaZulu-Natal owayeyisis­hoshovu sePAC owafika kwelakwaNg­wane eyobhaca.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa