Isolezwe

Luyimpoqo uguquko ezinkampan­ini zakuleli

- BONISWA MOHALE

LUZOKWENZE­KA ngenkani uguquko ezinkampan­ini zaseNingiz­imu Afrika njengoba uMnyango wezabaSebe­nzi ubuthula izinguquko ezihlongoz­wa yi-Employment Equity (EE) Amendment Bill.

IPhini loMqondisi woMnyango wezabaSebe­nzi ophikweni lwe-Employment Equity, uMnuz Masilo Lefika lithe kufanele kube noguquko ezinkampan­ini ukuze zonke izinhlanga nobulili bumeleleke.

ULefika ubekhuluma nabaqashi nezinyunya­na e-Olive Convention Centre, eThekwini izolo.

Ubalule ukuthi akufanele izinkampan­i zibe negebe elikhulu phakathi kwemiholo yabasebenz­i nezikhulu.

“Umnyango wabaSebenz­i unezithang­ami zokucobele­lana ngolwazi ezindaweni ezihlukene ukwazisa abaqashi nezinyunya­na ngezinguqu­ko kwi-Employment Equity. Indikimba yalezi zithangami zokucobele­lana ngolwazi ithi Real Transforma­tion Makes Business Sense. Izinguquko zizogxila kakhulu kuSection 53 ngoba kuyaphoqa ukuthi bonke abaqashi balandele i-Employment Equity,” kusho uLefika.

Uthe abaqashi kufanele bafunde usomqulu wokuphatha izinkampan­i iKings Report of Corporate Governance bese belandela nemithetho ye-Employment Equity ngoba manje uMnyango wabaSebenz­i uzosebenzi­sana noMnyango wezoHwebo neziMboni, noMnyango weziMali.

Indlela okuzoshuba ngayo uma umqashi ethumela umbiko wokuthi uyayilande­la imithetho ye-Employment Equity, uMnyango wabaSebenz­i uzobheka kwiCCMA ukuthi ngabe uqinisile yini bese le mininingwa­ne ifakwa naseMnyang­weni wezoHwebo neziMboni noweziMali.

Uveze ukuthi ngeke abaqashi babe nethuba lokufihla imininingw­ane ethile uma befuna amathenda ngoba uMnyango weziMali uzosebenzi­sana noMnyango wabaSebenz­i.

Izithangam­i zokucobele­lana ngolwazi ziqale kule nyanga kanti ziya eGauteng ngoOkthoba 26.

 ??  ??
 ??  ??
 ?? Isithombe:DOCTOR NGCOBO/ANA ?? IPHINI loMqondisi we-Employment Equity, uMnuz Masilo Lefika uthi abaqashi kufanele bazazi izinguquko ze-Employment Equity ngoba zizoshubis­a kulabo abangazina­kile
Isithombe:DOCTOR NGCOBO/ANA IPHINI loMqondisi we-Employment Equity, uMnuz Masilo Lefika uthi abaqashi kufanele bazazi izinguquko ze-Employment Equity ngoba zizoshubis­a kulabo abangazina­kile
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa