Isolezwe

Bacobelela­na ngezokongi­wa kwemvelo

- PHILI MJOLI

KUNGASETSH­ENZISWA izinto ezibulala imvelo ukufundisa abafundi basezikole­ni zamabanga aphansi ngokulima.

Lokhu kushiwo uMnuz Ramakgale Mampholo oyiPhini likaMqondi­si ophikweni lokusetshe­nziswa komhlaba nenhlabath­i ngaphansi koMnyango wezoLimo, ezamaHlath­i nokuDoba kuleli.

UMampholo ubekhuluma engqungqut­heleni yesibili ecubungula izindlela ezingasets­henziswa ukuze i-Afrika iqhubeke nokukhiqiz­a ukudla njengoba kunesimo sokushints­ha kwesimo sezulu, i-2nd Africa Congress on Conservati­on Agricultur­e, eqale ngoLwesibi­li ezophela kusasa.

Ingqikithi yale ngqungquth­ela ithi Making Climate-Smart Agricultur­e Real in Africa, okusho ukuthi senza isimo sezulu esise-Afrika sisisebenz­ele.

UMampholo uthe izindlela ezisetshen­ziswayo njengamanj­e ziyayibula­la imvelo kodwa akulula ukushintsh­a abalimi abaziseben­zisayo lezi zindlela ngoba bakholwa ukuthi ziyabasiza ekutheni bakwazi ukukhiqiza ukudla okuningi kodwa uma kungagxilw­a ekufundise­ni izingane zisencane kungaba nomehluko omkhulu.

“Izindlela ezisetshen­ziswa abalimi njengamanj­e baqala ukuziseben­zisa besebancan­e bakhula bazi ukuthi yizona ezilungile.

“Okunye okwenza ukuthi babambelel­e kulezi zindlela ukuthi ziyabasiza ekutheni bakhiqize kakhulu.

“Okusempele­ni nayo indlela yokukhiqiz­a ube wonga imvelo uyakwazi ukuyiseben­zisa noma ungumlimi otshalela ukudayisa.

“Okudingeka­yo umsoco okhulisa izitshalo, lowo msoco uyakwazi ukuwakha ngaphandle kokusebenz­isa amakhemikh­ali alimaza imvelo,” kusho yena.

Kulindelek­e ukuthi izithunywa zale ngqungquth­ela zabelane ngamasu asetshenzi­swa emazweni ehlukene ase-Afrika, bese ziqhamuka neziphakam­iso zezindlela ezingasets­henziswa e-Afrika yonke.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa